Babuyele emakhaya bengafundanga lutho abafundi basesikoleni iPhoenix Secondary, eThekwini kuthungeleka ngomlilo ingxenye yesikole ngoLwesibili ebusuku.
Kulesi sigameko kushe isakhiwo, okukhona kusona umtapo wolwazi obugcwele izincwadi zesikole ezishe zaba wumlotha.
Kuphazamiseke uhlelo lokufunda nokufundisa ngosuku lokuqala lokuvulwa kwezikole izolo njengoba abafundi bebuyiselwe emakhaya.
Isolezwe lihambele esikoleni ngoLwesine emini, lafica itshe lome inhlama amasango elenga ingidi.
Kuvele ukuthi iziphathimandla zesikole ziyalele abafundi ukuthi babuyele esikoleni ngoMsombuluko, ngesonto elizayo.
Ngalolu suku iziphathimadla zithe lizobe selitholakele ikhambi lokuthi kuzoqhubeka kanjani ukufunda.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe kuyishwa ukuthi kwenzeke isigameko esinje kuzosa kuvulwe izikole.
UMlotshwa uthe lesi gameko siholele ekutheni abafundi bangakwazi ukufunda ngosuku lwabo lokuqala onyakeni.
"Kithina siwumnyango, ukuphepha kwabafundi nothisha kubalulekile. Yingakho sithe sifuna ukuthi kuqale kulungiswe kahle yonke into ngaphambi kokuthi kuqalwe ukufunda," kusho uMlotshwa.
Uveze ukuthi bazoqhamuka necebo lokuthi kubuyiswe isikhathi sokufunda esizolahleka.
UNobhala wenyunyana yothisha, iSouth African Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, uNkk Nomarashiya Caluza, uthe bazwile ngokushiswa kwesikole, isigameko yisona esivele sakudunga ukuvulwa kwezikole ngempumelelo.
"Singajabula uma umnyango ulusukumela phezulu udaba lokulungiswa kwaso, ukuze impilo ikwazi ukubuyela esimweni esijwayelekile," kusho uNksz Caluza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asePhoenix aphenya ngomlilo oshise isakhiwo sesikole.
"Amaphoyisa anikele endaweni yesigameko ebusuku emva kokwaziswa ngokusha komlilo. Kuvela ukuthi unogada wesikole uzwe umsindo engxenyeni yesakhiwo enamahhovisi, wathi uma eyobheka, wathola ukuthi kusha umlilo. Uphenyo luyaqhubeka," kusho uNetshiunda.
Namaqembu ezepolitiki okubalwa i-ActionSA ne-DA esifundazweni asigxekile isehlakalo, afuna kuqalwe uphenyo ngembangela yomlilo. Bafuna kwandiswe onogada ezikoleni, kuqiniswe ezokuphepha.