UMASIPALA weTheku uveze ukuthi ulahlekelwa wuR900 million ngonyaka ngenxa yokuxhunywa kukagesi wezinyokanyoka.
Ugqugquzele abantu ukuthi babike uma kukhona abantshontsha ugesi ukuze bajeziswe ngendlela efanele.
Isolezwe libuzile ukuthi ngabe umasipala usabavumela yini abantu ukuthi bashintshele kugesi wekhadi uma kade besebenzisa owemitha.
UNkk Lindiwe Khuzwayo oyiNhloko yezokuxhumana kuMasipala weTheku, uthe abantu bangashintsha noma nini uma sebefuna ukusebenzisa ugesi wekhadi besuka kowemitha.
Uveze ukuthi ukwenza lokhu kubiza uR4 000 kanti ofuna ukushintshela kugesi wekhadi esuka kowemitha kufanele aqinisekise ukuthi akanaso isikweletu sikagesi.
Ofisa ukushintshela kugesi wekhadi kufanele aye emahhovisi kamasipala aseduze naye, aphathe umazisi nencwadi efakazela ukuthi uyena umnikazi womuzi.
Ebuzwa ukuthi ngabe sinyukile yini isibalo sabantu abasuka kugesi wemitha baye kowekhadi njengoba isimo somnotho sitshekile, uthe sinyukile isibalo sabantu abashintshela kugesi wekhadi kodwa kubalulekile ukuthi acacise ukuthi awukho umehluko ngokwentengo kagesi phakathi kowekhadi nowemitha.
Uthe abantu bashintshela kugesi wekhadi besuka kowemitha ngoba befuna ukulawula indlela abasebenzisa ngayo ugesi, babone ukuthi basebenzisa malini.
Kuzokhumbuleka ukuthi kule nyanga inyukile intengo kagesi kubo bonke omasipala bakuleli kanti ucwaningo luthi abantu bathwele kanzima njengoba imali mboleko inyuka umlibe, kubiza ukudla nezinye izinsiza.