IDLULE nomphefumulo wephoyisa ingozi yeloli eyenzeke emgwaqweni uM7 eThekwini ngoLwesithathu.
Kulesi sigameko kushone uConstable Nozipho Zuma obesebenza esiteshini samaphoyisa iBelliar.
Echaza ngesigameko, okhulumela abezimo eziphuthumayo, i-ALS Paramedics, uMnuz Garrith Jamieson uthe iphoyisa lesifazane lishone engozini yesibili emgwaqweni uM7 budebuduze nothelawayeka uN2 ngoLwesithathu.
Uthe abezimo eziphuthumayo abahambele indawo yesigameko bathole ukuthi kwenzeke ingozi enyantisa igazi ebandakanya iloli, bafike banikezela ngosizo iziguli ezimbili ngaphambi kokuthi baziphuthumise esibhedlela.
“Baphinde bathola izingcingo zibabizela endaweni efanayo, kuthiwa sekuphinde kwaba khona enye ingozi. Iloli lishayise izimoto ezimbili zamaphoyisa, amaloli amabili nezinoto ezincane ezimbili,” kusho uJamieson.
Uthe kulengozi iphoyisa lesifazane ushayiswe iloli, washonela endaweni yesigameko. Uthe akukho ebebengamsiza ngakho njengoba bethe bayamhlola, bathola ukuthi useshonile.
UJamieson uthe kuso lesi sigameko, abantu abathathu balimele kanti banikwe usizo oluphuthumayo ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela.
Imizamo yokuthola umndeni wephoyisa, ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso, eliphenywa amaphoyisa aseBellair.
“Kusolwa ukuthi kushayisane iloli nezimoto ezimbili emgwaqweni uM7, uma ubheke kuthela wayeka uN2 ngoLwesithathu. Kube sekufa iphoyisa elineminyaka engu-36 kulengozi. Kube sekuboshwa umshayeli oneminyaka engu-35. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla,” kusho uLt Col Gwala.