KUBHUNTSHE umhlangano womkhandlu waseThekwini, amalungu e-EFF ebhikishela ukuthi kuxoshwe imeya, uMnuz Mxolisi Kaunda.
Lo mkhandlu bekufanele ubambe umhlangano wawo wokugcina wonyaka izolo, lapho bekulindeleke ukuthi kugudluzwe esikhundleni iPhini leMeya, uMnuz Philani Mavundla we-Abantu Batho Congress (ABC).
Kepha umhlangano ugcine ubhuntsha singakalalelwa isiphakamiso sokugudluza uMavundla emva kokuthi amalungu e-EFF evele avuka umbhejazane, athi afuna kuxoshwe uKaunda.
Emva kokuphazamiseka komhlangano izikhawu ezahlukene, uSomlomo womkhandlu, uMnuz Thabani Nyawose, ugcine enquma ukuwuguqisa. Umemezele ukuthi umhlangano usuzoqhubeka ngoLwesibili.
I-EFF ithe ifuna uKaunda akhishwe esikhundleni ngoba nakhu imsola ngokwahluleka ukusukumela isimo sokungcola kwamabhishi aseThekwini.
Kunongabazane ngokuphepha kwamabhishi aseThekwini njengoba iningi lawo lihlale isikhathi eside livaliwe emva kokutholakala kwegciwane, i-E.coli.
Lokhu kungcola kudalwe ukulimala kwamapayipi athutha indle, nokwaholela ekutheni indle igcine isikapakela emifuleni echithela olwandle.
Ikhansela le-EFF, uMnuz Themba Mvubu, lithe njengoba sekuyisikhathi samaholidi kaDisemba, kufanele engabe onke amabhishi akuleli dolobha aphephile.
“Ukungaphephi kwamabhishi kuzoxosha izivakashi. Imeya isanda kumemezela ukuvulwa kwamabhishi, yathi aphephile. Mumva nje, kusanda kuvela ukuthi amabhishi awaphephile, imeya yayiqamba amanga.”
UMvubu uthe okunye abakhala ngakho ukuthi kusenenqwaba yabantu abahlaselwa izikhukhula zango-Ephreli, abasakhoseliswe ezakhiweni zomphakathi.
“Kunesethembiso esenziwayo sokuthi bonke abantu abakhoselisiwe bazotholelwa izindawo ezingcono ngaphambi kukaKhisimusi. Namhlanje (izolo), umhlangano wokugcina wakulo nyaka. Sidinga ukwazi ukuthi laba bantu bazotholelwa nini izindawo ezingcono njengoba noKhisimusi ususondele?”
Ilungu le-ANC, uMnuz Nkosenhle Madlala, lithe akufanele kugxekwe uKaunda yedwa ngesimo samabhishi aseThekwini.
UMadlala uthe wonke amakhansela kufanele azinuke amakhwapha njengoba uKaunda ebambisene nawo ekulawuleni umkhandlu.
Khonamanjalo: UMavundla usabisa ngokuyisa i-ANC enkantolo uma ingase imgudluze esikhundleni sokuba yiphini lemeya.
UMavundla uthe unesivumelwano seminyaka emihlanu sokusebenzisana ne-ANC kulo masipala.
“Kusobala ukuthi abantu abakhuluma le nto abazi ukuthi i-ANC yawuthola kanjani uMasipala waseThekwini. I-ANC ayizange ithole izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela. Sabe sesihlangana njengamaqembu amancane, saba nesivumelwano sokusebenzisana nayo.”
Abameli bakaMavundla bavele sebeyibhalelile i-ANC beyazisa ukuthi bazoluyisa enkantolo lolu daba uma ekhishwa esikhundleni.
Ukuphela kobudlwelwano bukaMavundla ne-ANC busho ukuthi uzophinde akhishwe ekubeni yilungu lesigungu esiphezulu kanye nesekubeni usihlalo wekomiti elibhekelele ingqalasizinda emkhandlwini.
UMadlala, obuye abe iphini likanobhala we-ANC kwisifunda iTheku, uthe isinqumo sokukhishwa kukaMavundla sithathwe ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
Kepha okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe yonke imibuzo kufanele ibhekiswe kubuholi be-ANC kwisifunda iTheku.
“I-ANC isebenza kanje; ubuholi besifunda bufike benze isiphakamiso. Ubuholi besifundazwe bube sebuthatha isinqumo emva kokucubungula isiphakamiso esenziwe yisifunda.”