IBE sematheni ngokubi nokuhle iNdlunkulu kaZulu kulo nyaka.
Kube nezikhathi lapho kwenzeke okuhle endlunkulu, kwabuya ithemba esizweni.
Zibe khona nezikhathi lapho kube nezigemegeme ezilahlekise ithemba.
Uthe uqala unyaka yayibambana ngezihluthu, kubangwa ukusingathwa kwesikhumbuzo sempi yaseSandlwana.
Umfowabo weSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, uMtwana uMbonisi kaBhekuzulu, waphikelela enkantolo eyozama ukuvimba iSilo, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, ukuba sethule inkulumo kulesi sikhumbuzo esiba minyaka yonke ngoJanuwari.
Esicelweni sakhe asifaka eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uMntwana waseKhwezi wathi iSilo kasinalo ilungelo lokukhuluma esikhumbuzweni njengoba kusenombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Inkantolo yasichitha nezindleko zaso lesi sicelo.
Emva kwalokho inkantolo yaphinde yachitha amacala athinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
La macala ayehlukene kabili.
Elokuqala, lalifakwe wuNdlunkulu Sibongile Dlamini wokuqala kaMdlokombane, obefuna ukuthola uhhafu wamafa eSilo uZwelithini njengoba ethi umshado wabo uhlanganisa amafa.
Icala lesibili beifakwe ngabaNtwana, uNtandoyenkosi Zulu noNtombizosuthu Zulu-Duma, basesigodlweni KwaKhethomthandayo.
Abantwana babephonsela inselelo incwadi yefa eyaqoka iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu ukuba yibamba-bukhosi.
IJaji Mjabuliseni Isaac Madondo liphinde lanquma ukuthi iSilo uMisuzulu yisona esifanelwe wukuhlala esihlalweni sobukhosi bukaZulu.
Abamangali basidlulisela phambili lesi sinqumo, kusalindwe iNkantolo yamaCala aDlulisiwe ukuba inqume ngaso.
Emva kokuchithwa kwala macala uMengameli Cyril Ramaphosa wabe esevuma ukuqokwa kweSilo.
Lokhu kudale isasasa kuZulu uphelele njengoba abantu babelangazelele usuku lokudluliselwa ngokusemthethweni kwesitifiketi seSilo.
Kepha akusibona bonke abantu abajabulele isinqumo sikaRamaphosa.
Lesi sinqumo sisuse imvunge eholele ekutheni uMntwana uMbonisi nabanye banikele eNkantolo eNkulu ePitoli, beyophonsela inselelo isinqumo sikaRamaphosa.
NoMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, osembangweni wesihlalo sobukhosi, naye unikele enkantolo eyophonsela inselelo isinqumo esifanayo.
Kuso lesi siphithiphithi, indlunkulu igubuzelwe yifu elimnyama kudlula emhlabeni uMntwana uThembi Zulu-Ndlovu.
UMntwana uThembi ube ngomunye wabebephikisa ukuqokwa kweSilo.
Udlule emhlabeni kungakapheli sikhathi esingakanani ebonakale neSilo uMisuzulu ngesikhathi siyokwembesa uNdlunkulu uNtokozo Mayisela.
Umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu uye ngokujiya ngo-Agasti.
Kule nyanga sibone iSilo uMisuzulu noMntwana uSimakade benza imicimbi yokungena esibayeni.
UMntwana uSimakade wenza owakhe esigodlweni eNyokeni. Umcimbi wenziwe sekusele isonto iSilo uMisuzulu senze owaso esigodlweni KwaKhangelamankengane.
Kwaqapheleka ukuthi abantu abazange baphume ngobuningi babo emcimbini kaMntwana uSimakade, kanti koweSilo uMisuzulu kwakuphume nesinedolo.
Kuyo le nyanga kuphinde kwangenisa igama lesithathu embangweni wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
UMntwana uMbonisi nabanye bamemezela igama likaMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini njengokufanele angene esikhundleni sikaMdlokombane.
NgoSepthemba kuphinde kwaqubuka omunye umbango endlunkulu ngokusingathwa koMkhosi woMhlanga.
Abeseka uMntwana uSimakade bathi kabahambisani nokuthi lo mkhosi ube sesigodlweni eNyokeni, okuyilapho uMntwana uSimakade enza umcimbi wakhe wokungeniswa esibayeni.
Abeseka uMntwana uSimakade baxwayise ngokuthi kungase kuchitheke igazi uma umkhosi uqhubeka eNyokeni.
Wagcina uqhubekile umkhosi, iSilo sethula inkulumo.
Kepha waphethe kabi umkhosi njengoba kusocongwe usihlalo womkhandlu wasoSuthu, uDkt Dumisani Khumalo.
UKhumalo udutshulwe ebuya kulo mcimbi.
Ngo-Okthoba kube nengqophamlando yomcimbi lapho uRamaphosa edlulisele ngokusemthethweni isitifiketi sobuholi eSilweni.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabantu abaningi usenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida.
Emva kwalo mcimbi indlunkulu iphinde yagubuzelwa yifu elimnyama njengoba kusocongwe induna uMnuz Cuphisa Ntuli, yasoSuthu.
UNtuli ungomunye walabo abebephambili ekwesekeni iSilo uMisuzulu.
Ukubulawa kwakhe kulandelwe wukusocongwa kukaMntwana uMbongiseni Zulu, naye obephambili ekwesekeni iSilo.