INGENA ingenile imiyalezo yendunduzo emuva kokukhothama kweNkosi yeSizwe samaXhosa uMpendulo Calvin Zwelonke Sigcawu (51).
USigcawu ukhothame izolo eMthatha emuva kokugula isikhathi eside.
Kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela ngoLwesithathu ebusuku kwafike kwamanela.
Ubesesihlalweni kusukela ngo-Januwari 2016.
Wagcotshwa ngo-2015 esigodlweni eNqadu.
Ungene esihlalweni emuva kokukhothama kukayise Inkosi Xolilizwe Sigcawu, okhothame
ngo-2005.
Kuthiwa inkosi iqale yakhala ngokugodola yaphuthunyiswa esibhedlela iMandela Academic eMthatha.
Izolo ithimba leSolezwe LesiXhosa, livakashele esigodlweni senkosi eNqadu , ngaphandle kwaseWillowvale bese kugcwele abantu bezokhalisa umndeni.
Abebezokhalisa umndeni bebemukelwa eduze kwesibaya, kwabanye abafikile umholi we-UDM uMnuz Bantu Holomisa.
Inkosi Zanenkululeko Salakuphathwa, isithenjwa sikaSigcawu, sithe isizwe samaXhosa sishaqekile ngokukhothama kwenkosi.
“Ugule iminyaka emihlanu edlule. Ngempelasonto uye eKapa wabuya engazizwa kahle. NgoMsombuluko uye kudokotela esibhedlela i-East London, wabuya ngalelo langa. NgoLwesibili ukhale ngokuba madolo nzima. Bekuhlelwe ukuba ayiswe esibhedlela ngoLwesithathu eThekwini kodwa washonela esibhedlela saseMthatha.”
I-ANC ithe iyawuhlonipha umsebenzi wakhe wokuthuthukisa umphakathi abewuhola, nokuqinisa ubudlwelwane nokusebenzisana phakathi kwabaholi bendabuko nokuhlonishwa komthethosisekelo wakuleli.
Owayengumengameli we-IFP iNkosi Mangosuthu Buthelezi, naye udlulise amazwi enduduzo wathi: “Ngokwami, ngangizizwa ngihloniphekile ngokwazana nenkosi nokuba umngani wayo. Ngathola ukududuzeka kuyena ngesikhathi ngishonelwe ngunkosikazi ekuqaleni konyaka. Wakhombisa ukubambisana okukhulu phakathi kwesizwe samaZulu nesamaXhosa. ”
I-EFF idlulise amazwi enduduzo emndenini wenkosi nasesizweni samaXhosa.
Ikomiti loMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu ePhalamende lidlulise amazwi enduduzo emndenini nasesizweni samaXhosa.
Ibamba likaMengameli wezwe uDkt Nkosazane Dlamini Zuma, lithe: “Ngidumele ngokukhothama kwenkosi uZwelonke osisize ukuthuthukisa inhlangano yobuholi bendabuko.”
UNdunankulu wase-Eastern Cape, uMnuz Oscar Mabuyane uthe: “Kubuhlungu ukuthola lezi zindaba zokushona kweNkosi yesizwe samaXhosa, iNkosi Zwelonke Sigcawu. Uhulumeni wase-EC nabantu bakulesi sifundazwe sithumela amazi enduduzo ebukhosini, kumaXhosa nalabo abasebenze neNkosi”
Umfundi waka-Grade 10 uSiyabonga Dila, ofunda esikoleni esaqanjwa ngoyise weNkosi ekhotheme i-Xolilizwe Senior Secondary, uthe:
“Besiyazi iNkosi ngoba ibike ifike emthandazweni ekuseni, isitshele ngombono wayo ngesizwe. Wasitshela ukuthi sizosiza ukwakha izwe lethu uma sifundile.”