UZOKWAKHELWA isikole esinobuchwephese umphakathi waseCornubia, okuthiwa ziningi nezinye ezisadinga ukwakhiwa.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, ukusho lokhu ngoLwesihlanu kuphendulwa isoyi lapho kuzokwakhiwa iSolomon Mahlangu Primary. UMshengu uthe ukwakhiwa kwalesi sikole kuyizinhlelo zikahulumeni ukuthi umphakathi uthole zonke izidingo eduze.
“Lesi yisikole sokuqala esizokwakhiwa kule ndawo kodwa ngitshelwe ukuthi kusazodingeka ezinye ngenxa yobuningi bomphakathi. Kusazodingeka ngisho isikole samabanga aphezulu nezinye izikole. Zonke izikole ezizokwakhiwa zizoba nobuchwepheshe obuphezulu,” kusho uMshengu.
Uthe lesi sikole sizoba neMedia Centre namakilasi azohambisana nezifundo ezithathwa njengezibaluleke kakhulu esikhathini samanje. UMshengu unxuse umphakathi waseCornubia ukuthi usinakekele isikole. Ukhale ngababhikisha bacekele phansi izikole, okumosha nekusasa lezingane.
Uveze ukuthi basiqambe ngoSolomon Mahlangu ukuze izingane zazi ngomlando wamaqhawe omzabalazo. UMshengu ubehambisana noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu neMisebenzi yoMphakathi esifundazweni, uNkk Peggy Nkonyeni, uMnuz Sipho Hlomuka wezokuBusa nokuBambisana nobuHoli boMdabu nePhini leMeya yeTheku uNkk Fawzia Peer.
UMnuz Siya Thango oyikhansela lendawo uthe “Sinemindeni ebalelwa ku-12 engena eCornubia isonto nesonto, okusho ukuthi isikole siyadingeka impela.
Esikujabulelayo ukuthi akuzokwakhiwa isikole kuphela kodwa kuzoba nomtholampilo nehholo lomphakathi,” kusho ikhansela.
Uthe okwamanje sikhona isakhiwo esibambile lapho abafundi bamabanga phansi befunda khona, okuyibona abafakwa esakhiweni esisha. Kulindeleke ukuthi ukwakhiwa kwesikole kuphothulwe eminyakeni emibili ezayo.
Kuwona lo mcimbi kuphinde kwakhishwa amatayitela angaphezu kuka-480 kwabazohlala eCornubia. UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke uNksz Lindiwe Sisulu, ukhiphe la matayitela okuhlomule kuwo abadala nababengamalungu oMkhotho weSizwe.
USisulu owethula uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zikahulumeni eCornubia ngo-2009, ngoLwesihlanu ubezobheka nokuthi ziqhubeka kanjani izinhlelo endaweni.
Unxuse zonke izifundazwe ukuthi zisheshise ukukhishwa kwamatayitela kwabadinga izindlu. Unxuse abathole amatayitela ukuthi bangazidayisi izindlu zabo zomxhaso.
“Lesi yisipho senu saphakade esivela kuhulumeni, okumele nisiphathe kahle nisidlulisele nasezinganeni zenu. Nizame ngayo yonke indlela ukusivikela lesi sipho, ningalingeki nidayise izindlu zenu,” kusho yena.