OSEZAKHELE udumo ngokubonakala emicimbini yokwethulwa kwemiqulu yezethembiso yamaqembu epolitiki ehlukene egqoke nezikibha zawo ngokuhlukana eMoses Mabhida, uthealikho iqembu lepolitiki aselijoyinile.
UThembeka Dliwako (21) osedume ngeleNdlondlo yaseMoses Mabhida, uthe okwamanje usafuna ukuzwa okushiwo amaqembu bese ekhetha iqembu elihambisana nezifiso zakhe.
Useke wabonakala egqoke isikibha se-EFF emcimbini wayo nese-ANC kowayo. Uthe usazobonakala nese-IFP namanye amaqembu.
“Sengikubhalisele ukuvota kodwa bengingakabi nalo iqembu engithi ngizolivotela. Njengamanje ngisalalela okuthenjiswa amaqembu. Uma sengiwalalele wonke enza izithembiso ngizothatha isinqumo ngengizolivotela,” kusho uThembeka.
Le ntokazi yaseHoneville, eMgungundlovu, yenza unyaka wesibili kwiHuman Resources Management eMnambithi TVET College.
Ngakolunye uhlangothi uThembeka ubuye afaniswe nomculi kamaskandi uKhuzani, kangangoba abantu baze bathi kumele kwenziwe ulibofuzo ukuthola ukuthi abahlobene yini.
Uthe akahlobene noKhuzani futhi akakaze ahlangane naye.
“Akungithusi ukuzwa abantu bengifanisa noKhuzani ngoba nasekhaya bahlale besho ukuthi ngifana naye,” usho kanje.
Uthe akayena umuntu olandela kakhulu umaskandi kodwa umculi amkhonzile kuwona uGatsheni wodumo lwengoma iHit After Hit.
Ngokungena emculweni noma kwezobuciko, uthe akuyona into ayicabangayo ngoba akalona igagu kodwa kuziqondanele nje waduma ngenxa yokuhambela imicimbi yamaqembu epolitiki.
Uthe nasesikoleni ziyambanga izinhlangano zabafundi ezidlelana namaqembu epolitiki.
“Bonke bafuna ngingene ezinhlanganweni zabo ukuze ngijoyine amaqembu abo epolitiki. Kukhona nje oze wangiphuca isikibha se-IFP ebengizosigqoka komunye umcimbi wayo ngoba enginxenxa ukuthi ngijoyine iqembu lakhe. Ngisho ngizihambela ngizwa abantu bengimemeza yonke indawo,” kusho yena.
EleNdlondlo yaseMabhida uthe uliqanjwe ngabantu kodwa ikhasi lakhe leFacebook, uthe livulwe uyena.
Kwabo uthe uyingane yedwa kubazali bakhe kodwa uyise unazo ezinye izingane ezimbili ezindala kunaye azithole ngaphambi kokuthola yena kunina.
Abazali bakhe uthe badabuka eMtshezi kodwa sebehlala eMgungundlovu. Isibongo asisebenzisayo uthe esikayise kanti unina owakwaNdebele.