UMNDENI wowesifazane nengane yakhe, izidumbu zabo ezitholwe emfuleni uMvoti, bathi kubazwise ubuhlungu ukudlula kwabo emhlabeni.
UNksz Lucia Sithole (31) waseCharlotte Dale, KwaDukuza, obese kusele izinyanga ezimbalwa ukuthi ingane yakhe ihlanganise iminyaka emibili, uSmanga Ndabeni, bamuke ngeSonto.
Izidumbu zabo zize zatholwa ngoMsombuluko ebusuku.
Udadewabo kaNksz Sithole, uNksz Julie Makhoba, uthe okwenza kube buhlungu kakhulu ukutholwa kwakhe esambelethe emhlane uSmanga.
“Ubembelethe ngethawula, asiqondi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi lingaqaqeki ngisho esesemanzini? Kube umuzwa obuhlungu ukubona betakulwa besahlanganiswe yithawula njengoba bebemukile,” kusho uNksz Makhoba.
Uthi nokho bayambonga uNkulunkulu ukuthi enze isimangaliso sokungabehlukanisi ngoba mhlawumbe bekuzoba nzima ukuthi batholakale kanye kanye.
Uthe ngosuku lwesigameko, uNksz Sithole wayekade evela eMelville, ukuyolekelela omunye wabangani bakhe belungisa isiza sokwakha.
“Ubengumuntu onenhliziyo enhle, ethanda ukusiza. Nangosuku aminze ngalo, wakhetha ukufaka ingane yakhe emhlane, awele umfula ayolekelela umngani wakhe ecenta isiza lapho azokwakha khona,” kusho uNksz Makhoba.
Uthi ukuhamba kwakhe kube yibhadi ngoba ayikho imvula ebinile endaweni, eholele ekutheni umfula ugcwale ngokweqile.