IKHATHAZEKILE iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), ngokuthi u-13 million wabafundi bakuleli uzobuyela ezikoleni ezingenayo ingqalasizinda esezingeni elifanele.
ISaftu ithi akuyona ingqalasizinda eyizakhiwo kuphela engekho ezingeni elifanele kodwa nezinsiza zokufunda ezikoleni zikahulumeni kazigculisi.
UMnuz Trevor Shaku, okhulumela iSaftu, uthe izikole eziningi zikahulumeni azikwazi ukusebenza uma ungekho ugesi, ezinye azinawo amakhompyutha nezinye izinsiza ezibalulekile.
Uqhube wathi ucwaningo lweNational Education Infrastructure Management System (NEIMS) olushicilelwe ngasekupheleni konyaka odlule, ludalule ukuthi ezikoleni eziwu-22 597, ziwu-635 kuphela ezinawo ama-generator asebenza uma kunqamuke ugesi.
Kuthiwa ucwaningo lusibeka obala isimo sezikole ezweni.
“Kubuhlungu ukuthi izigidi zabafundi zibuyela ezikoleni ezingenayo ingqalasizinda esezingeni. Kumanje sikhala ngenkinga yamathoyilethi omgodi ngoba abafundi bafela kuwona e-Eastern Cape naseLimpopo. Uhulumeni akazimisele ukuwaqeda ngoba izikole eziwu-3 932 zisenamathoyilethi omgodi. Eziwu-16 714 azinayo imitapo yolwazi, eziwu-18 671 azinawo ama-laboratory, eziwu-14 949 azinawo amakhompyutha, kanti eziwu-9 733 kazinazo izinkundla zemidlalo. Yizibalo ezishaqisayo ezweni jikelele lezi,” kukhononda uShaku.
Uqhube wathi uhulumeni unciphise imali eyabelwa uMnyango weMfundo eyiSisekelo, okusho ukuthi isimo sisazoba sibi.
“Ukungabibikho kwengqalasizinda esezingeni nezinsiza-kufunda yikona okuholela ekutheni abafundi bethu bangakwazi ukufunda ngokuqonda indlela yokwenza izibalo ezilula ezenziwa ngozakwabo kwamanye amazwe. Kusiphethe kabi ukuthi imali eyabelwe uMnyango weMfundo eyiSisekelo incishisiwe ngoba kusho ukuthi izingane ngeke zithole imfundo esezingeni. Yikona okuholela ekutheni izingane zingaphumeleli,” kusho uShaku.
Ukhale ngokuthi njengoba nezinkulisa sezingaphansi koMnyango weMfundo eyiSisekelo kuzoba nzima uma imali incishiswa ngoba kufanele isisekelo sokufunda siqale kahle ezinkulisa.
UShaku uphethe ngokuthi iSaftu izoqhubeka nokutshela uhulumeni ukuthi ayeke ukunciphisa imali eyabelwa uMnyango wezeMfundo, nokuthi angasenyusi isibalo sabafundi ezikoleni kodwa othisha bebe bencishiswa.
“Sizoqhubeka nomkhankaso wethu olwa nokuncishiswa kwemali kuhulumeni. Sifuna kwandiswe isibalo sothisha, kutshalwe imali yengqalasizinda yezemfundo nezinsiza kufunda ukuze abafundi bezophumelela,” kuphetha uShaku.