Iqembu Umkhonto Wesizwe lithi lingase lifune ukuthi kuqalwe phansi ukuvota ngenxa yezinto ezahlukene elingeneme ngazo.
Okhulumela iqembu uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe banobufakazi obuqanda ikhanda obuthinta ukungasebenzi ngendlela kwenhlangano eyengamele ukhetho i-IEC. Uthe obunye buthinta i-ANC athe isebenzise izinto zikahulumeni ukufeza izinhloso zayo.
Uthe banobufakazi ababuthumele kwi-IEC obuhlanganisa obuqoshiwe lapho abantu bebekhuluma ngokuthi bawaxosha kanjani amalungu abo abegade ukuthi ukhetho luqhubeka ngendlela yini.
UNdhlela ubekhuluma esithangamini nabezindaba esikhungweni sikazwelonke semiphumela se-IEC eMidrand ngoMgqibelo ebusuku. Bekukhona nomholi weqembu uJacob Zuma ofike okokuqala kulesi sikhungo.
Uveze ukuthi ngesikhathi kunobuhixihixi ngoLwesihlanu ekuseni lapho imiphumela ibingaveli khona kungenxa yokuthi bekunenkampani yezobuchwepheshe yaseKapa ebikhwabanisa izinto.
“Sikhulume nabameli bethu futhi izeluleko esizitholile kubo bathe kumele, futhi sizokwenza. Sicabanga ukuthi kuvotwe kabusha. Ukufuna kuqalwe phansi kuvotwe ngenye yezinto esizicabangayo. Yisinqumo esizokhuluma ngaso,” kusho uNdhlela.
Uthe okunye bafuna kusungulwe ikhomishana ezophenya kabanzi ngokwenzekile okhethweni.