INHLANGANO ebhekelele abathengi, iNational Consumer Commission (NCC) icela abantu ukuthi babuyisele ezitolo ishampoo yeDark and Lovely etholakala kuma-relaxer akhona ahlukene.
Le shampoo ewu-50ml itholakala kwiDark and Lovely Moisture Plus Kit eyi-regular neyi-super nakwiDark and Lovely Anti Breakage Kit.
INCC ithe abantu abathenge le shampoo kufanele bayibuyisele ezitolo ukuze bathole imali yabo abathenge ngayo.
IPhini likaKhomishana weNCC uNksz Thezi Mabuza uthe inkampani ekhiqiza iDark and Lovely, iLoreal ibatshele ukuthi ithole igciwane kule shampoo ngesikhathi iyihlola ngakho kufanele ibuyiselwe emuva.
“Siyakuqonda ukuthi le shampoo isetshenziswa kanye kodwa siyacela ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abayithengile imikhiqizo enayo bayibuyisele emuva. Abakhiqizi bale shampoo bathe ukusebenziswa kwayo kungaholela ekutheni ogeze izinwele zakhe ngayo abe nenkinga yesikhumba ekhanda ikakhulukazi labo abanezifo ezihlazela amasosha omzimba,” kusho uNksz Mabuza.
Uthe le shampoo yayikhiqizwe ngo-Ephreli wonyaka odlule, idayiswa eZambia, Zimbabwe, Namibia, Kenya, Ghana, Botswana, Eswatini, Lesotho, Morocco, Nigeria nakuleli.
Uphethe ngokuthi umthetho ovikela abathengi iConsumer Protection Act, uphoqa abakhiqiza ukuthi baqinisekise ukuthi imikhiqizo yabo iphephile.
Ucele izinkampani ukuthi zinisekise ukuthi abathengi baphephile ngaso sonke isikhathi futhi uzoluqapha ngeso lokhozi uhlelo lokubuyiselwa kwama shampoo ezitolo.