KUQALILE izolo ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka kwabafundi bakwa-matric ezweni futhi akuzange kubikwe izihibe.
Bebuzwa abanye abafundi bathe iphepha lokuqala lesiNgisi abebelibhala belingenzima.
Abafundi abakhulume neSolezwe bathe iphepha belilula kodwa abanye bashaywe ukungasheshisi ngesikhathi bebhala.
UThabiso Thusi ofunda eMkhumbane High, uthe: "Iphepha belimnandi, awukho umbuzo engingakwazanga ukuwuphendula. Uma wonke amaphepha engaba mnandi njengaleli, ngizophasa.“
ULethukuthula Shibase ofunda eChesterville Secondary, ukhale ngokushesha kwesikhathi wathi kumfundise ukuthi uma esebhala isifundo esilandelayo kuzomele asheshise ukuze athole isikhathi sokulungisa amaphutha awenzile ngesikhathi ephendula imibuzo.
"Angiyiqedanga ukuphendula imibuzo hhayi ngoba ibilukhuni. Ngenza kancane uma ngibhala, isikhathi ebesibekiwe ngisibone sisifishane,“ kuchaza uLethukuthula.
UThandolwethu Majola ofunda eWiggins Secondary, uthe: "Belimnandi kakhulu iphepha lesiNgisi kanti benginovalo ngoba kuyethusa ukwenza into ongakaze wayenza empilweni. Okunye okuthusayo ukuthi umatric yiwona okuchabela indlela ngekusasa lakho."
USenamile Mseleku waseMkhumbane High, uhambe emazwini ozakwabo wathi belingenzima iphepha lokuqala lesiNgisi kodwa bekumele uyifundisise imibuzo ngaphambi kokuthi uphendule.
UThembekile Ndulini ofunda eMowart Park Girls High, ukhale ngesikhathi esibesishesha.
"Ngiqedile ukubhala kodwa bengisafisa ukuthi ngabe ngithole isikhathi esithe xaxa ukuze ngibheke kahle izimpendulo zami kodwa akwenzekanga."
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuleli, uNkk Angie Motshekga, obehambele izikole eziseGauteng, uthe abafundi kumele bazimisele kakhulu kuze kube usuku lokugcina.
"Isikhathi senu sokuthi niveze ukuthi kule minyaka ewu-13 nisesikoleni benenzani. Kunozakwenu abangakwazanga ukuthi bafike kwamatric ngenxa yezizathu ezithile. Akufanele nina enithole ithuba lokubhala nigcine nifana nabantu abangazange bafike kwamatric," kweluleka uNkk Motshekga.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, obehambisana nephini likaNgqongqoshe eyisiSekelo kuleli, uDkt Reginah Mhaule, noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube bebeseComtech High, eMlaza, uthe isifundazwe sizibekele ukuthi siphase ngo-100% uma kungenzeki siphase ngo-85%.
"Kunabafundi ababili abangaphumelelanga ukuzobhala izifundo zabo namhlanje kulesi sikole. Lokho kusitshela ukuthi ngeke sikwazi ukuthola u-100% ngenxa yezingqinamba ezikhona," kuchaza uNkk Frazer.
UDkt Reginah Mhaule, uthe iKwaZulu-Natal inabafundi abaningi ababhala umatric, yingakho ekhethe ukuthi ukuza esifundazweni ukuze azokweseka abafundi.
“Uma abafundi baseKZN benze kahle, sisuke sazi ukuthi nezinye izifundazwe zizokwenza kahle,” kusho uDkt Mhaule.
UNdunankulu uNkk Ncube-Dube, uthe: “Abafundi ngalesi sikhathi badinga ukwesekwa kakhulu ukuze bangazizwa bebodwa. Sifisa ukuthi abafundi babeke imiqondo yabo kulokhu abakwenzayo," kusho uNkk Ncube-Dube.
UNksz Nonala Ndlovu woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, uthe basiqaphile isimo sezuli kulesi sifundazwe. Okwamanje abekho abafundi abangakwazanga ukufinyelela ezikoleni ngenxa yesimo sezulu.