IKOMITI lasePhalamende elibhekelele abesifazane, izingane nabaphila nokukhubazeka livumelene ngo-elethu ukuthi kusungulwe umkhandlu kazwelonke, ozobhekana nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanjalo nezingane.
Lokhu kuvezwe ngusihlalo waleli komiti, uNkk Nonhlanhla Ncube-Ndaba, emva kwezigcawu zomphakathi ezweni lonke muva nje.
Uthe ngaphansi koMthethosivivinywa, iNational Council on Gender Based Violence and Femicide, kuhloswe ukuthi kube nanebhodi elizohola lo mkhandlu nesikhathi esizolihlala kanjalo namalungu azoqokwa kulona.
Isayinselelo eyamacala athinta isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli njengoba namaphoyisa kubukeka kusayinkinga ukuwina le mpi njengoba izibalo zakamuva ezikhishwe amaphoyisa ziveza ukuthi baningi abesifazane ababulawayo uma uqhathanisa neminyaka edlule.
Okuvelile kulezi zibalo ngukuthi ayanda namacala athinta ukuzama ukubulala, awokushaya kanjalo namanye abhekiswe kwabesifazane nanokuthi amanye awo enzeka emakhaya abagilwa.
UNkk Ncube-Ndaba uthe bathole izethulo ezevile ku-50, bahambela nezigawu zomphakathi ezifundazweni ezehlukene, wathi sebezoqala babhunge ngazo zonke izethulo.
“Sivumelene ngokuthi kumele kube nalo mkhandlu othinta ukuhlukunyezwa ngokobulili. Sifuna kube nemigomo leli bhodi elizosebenza ngaphansi kwayo njengoba kwaziwa ukuthi iseyinselelo eyalesi sihlava kuleli.”
Khonamanjalo: Kuhlatshwe ikhwelo lokuthi kubuyekezwe uhlelo lukazwelonke lokunqanda lesi sihlava, iNational Strategic Plan on Gender-Based Violence and Femicide (NSP-GBVF).
Leli khwelo lenziwe ngesikhathi kunezigcawu ezehlukene eLimpopo, Northern Cape naKwaZulu-Natal.
Umnyango wezenhlalakahle usemkhankasweni wokuxhumana nezinhlangano zezingane mayelana nalezi zinhlelo zikazwelonke.
Ezinye zezikhalazo ngukuthi lolu hlelo alukhulumi ngqo nezingane nokuthi alubafaki abesilisa.
Kukhalwa nangokuthi lolu hlelo lubhalwe ngesiNgisi kuphela ekubeni eminye yemiphakathi kuthiwa ingayazi nanokuthi iyini eyodlame lwezobulili.