BAVELILE abasolwa ngokubulala abantu besifazane ababili babaphosa ehhokweni lezingulube i-Onvervaght, eSebayeng.
Laba basolwa abathathu umlimi wepulazi lezingulube uZachariah Johannes Olivier (60), isisebenzi sakhe esiqapha abasebenzi u-Andrian Rudolph De Wet (19), nesinye isisebenzi uWilliam Musora (45) odabuka eZimbabwe.
Laba babhekene namacala abucayi, amabili okubulala okuhleliwe nelilodwa lokuzama ukubulala, elokutholakala nesibhamu ngokungekho emthethweni kanjalo nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. UMusora yena unelinye icala elengeziwe lokuba kuleli ngokungemthetho.
“Lawa macala asuselwa esehlweni sango-Agasti 17 epulazini i-Onvervaght, eSebayeng. Kubikwa ukuthi iloli laseClover labonakala lichitha ukudla osekuphelelwe yisikhathi nokuyinto eyenza abagilwa uLocadia Ndlovu (35), odabuka eZimbabwe noMaria Makgatho (44) abahlala eShikotishing Village, eMakotopong, bangena kuleli pulazi beyocosha kulokhu kudla okulahlwe yiloli.”
Bahlaselwa lapho badutshulwa laba besifazane bashona, kwalimala owesilisa owakwazi ukuzihudulela emgwaqweni omkhulu wathola usizo lokuya esibhedlela.
Icala lavulwa ngomhla ka-20 kwephezulu, abasolwa baboshwa ngosuku olulandelayo.
Laba basolwa bavele enkantolo ngoLwesihlanu ukuze kulalelwe isicelo sabo sebheyili kodwa abameli babo banxusa ukuba icala lihlehle ukuze bazothola izitatimende zabasolwa abazenza emaphoyiseni bacela nokuthi baboniswe idokodo lecala.
Leli cala lihlehliselwe uSepthemba 10 ukuze kuqhubeke izicelo zebheyili.