Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal uNkk Nomsa Dube-Ncube eBergville, lapho ebehambele izindawo ezihlukene njengoba kuyinyanga yezokuvasha futhi kulindeleke ukuthi kuvulwe nemingcele yakuleli ngo-Okthoba 1.
UNkk Dube-Ncube uthe into eseqhulwini ezinhlelweni zomnyango ukuthola izindlela zokuthi kuvulwe amathuba omsebenzi kubantu abahlala kulezi zindawo zasemakhaya ezinomlando obalulekile.
“Abantu abangakutshela kangcono ngomlando wendawo abantu basendaweni futhi kumele zithi zithuthukiswa lezi zindawo, bebe beyingxenye yentuthuko. Sinxusa nabantu ukuthi bavakashele lezi zindawo ukuze bathole ulwazi ngamasiko esintu nolwimi lwesiZulu nendlela okuphilwa ngayo ezindaweni ezahlukene. Siwumkhakha wezokuvakasha sikulungele ukwamukela izivakashi kuleli hlobo,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Unxenxe nabatshalimali ukuthi bangawushalazeli lo mkhakha ngoba uyalekelela kakhulu ekwandiseni amathuba omsebenzi kubantu abakhele izindawo.
Enye yezindawo abafuna ukuthi ilungiswe isebenze, nezinhlaka zosomabhizinisi zitshale imali kuyo ngoba kuzokwandisa namathuba emsebenzi, iRoyal Natal National Park.
Le ndawo esineminyaka engaphezulu kuka-100 ingasebenzi kuthiwa inamagumbi abalelwa ku-100 okubalwa nendlu eseceleni eyayihlala uQueen Elizabeth.
Le ndawo ingezinye eziqukethe umlando wale ndawo. Ukufaka isandla kosomabhizinisi kungalekelela ekulungisweni kwayo.
Yize iNingizimu Afrika ibhekene nengcindezi yokuhlaselwa iCovid-19 kodwa kunenhlasi yethemba kulo mkhakha ngoba nezilwane zasendle kubikwa ukuthi iningi lazo libuye ngobuningi njengoba abantu bebesazivalele emakhaya.