ABALIMI abamnyama bathi kuzoba nzima ukuthi uhlelo lokulinywa kwensangu luvune bona ngenxa yezingqinamba ababhekene nazo ezindaweni zasemakhaya.
Ethulwa inkulumo esizweni ngoLwesine ebusuku uMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa, uthe ukulinywa kwensangu kuzolekelela ekuvuleni amathuba omsebenzi angaphezulu kuka-130 000 kuleli ngoba vele abantu bayayilima ngaphandle kwemvume.
Ungoti kwezolimo uDkt Bahle Zondo, wenhlangano yabalimi abangaphezulu kuka-150, iBahle Zondo Foundation eMsinga, uveza ukuthi izindawo zasemakhaya nentsha eningi ikhuliswe ngayo insangu, abazali beyilima ngolwazi abangalutholanga esikoleni.
Ukulinywa ngokukhululeka kwensangu, uZondo uthe kuzoyishintsha impilo yabalimi basemakhaya uma uhulumeni engenelela ababhekelele nezidingo ngqangi. "Insangu idinga amanzi amaningi nokuyinto eseyinkinga emakhaya. Ulwazi lokutshalwa kwensangu engadini yasekhaya lwehluke kakhulu nelokuyilima sekuyibhizinisi. Yizona zonke izinto okumele abantu balekelelwe ngazo nokutholakala kwamalayisensi kungabi nzima kubantu basemakhaya. Uma kungenjalo kuzogcina kuhlomula abantu abaphila kahle baphinde basale ngaphandle omama basemakhaya abadinga ukuthuthukiswa," kuchaza uDkt Zondo.
Uthe vele useqalile nabambisene nabo batshale u-30 hectares wensangu eVryheid, kanti sekuvule amathuba emsebenzi kubantu ababalelwa ngaphazulu kuka-100.
Ngaphandle kukaDkt Zondo, nasezinkundleni zokuxhumana kuyachwaza abantu kwiTwitter nakwiFacebook bathi akubhekelelwe abasemakhaya.
"Ngiyethemba ukuthi abalimi abamnyama abasokolayo bazohlomula ngokulinywa kwensangu,"kusho uSarash.
" Asethembe ukuthi ukulinywa kwensangu kuzozuzisa bonke abantu,"kusho EL-Dripper.