“ABANTU abayiyeke le nto yezibizo noma imembeso, namafenisha abizayo angenamsebenzi walutho. Lokhu kuzosiza ekutheni abesilisa bakwazi ukukhokha ilobolo."
Usho kanje ungoti wezamasiko uDkt Nomagugu Ngobese, othi into eyenza kugcine kukipitiwe kungashadwa, yilezi zibizo ezibiza ngaphezu kwelobolo uqobo.
Uthi sekuze kwaba sengathi uma ungaletheliwe izibizo awulotsholiwe.
Uchaza lesi sigaba esesenziwa njengento engabalwa nhlobo ekutheni umuntu uselotsholiwe.
“Kuqala izibizo lezi kwakuba yizipho nje indoda ebonga ngazo abazali, ikakhulu unina wentombi ngokuyikhulisela unkosikazi.
“Kwakungeyona futhi impoqo. Into eyayibalulekile wukuthi kuphelele izinkomo okulotsholwa ngazo umlobokazi,” kusho lo ngoti.
Uthi kumele imindeni iyithathe ngenye indlela indaba yelobolo njengoba isimo somnotho sibheda kangaka.
Uphakamisa ukuthi kuhlangane imindeni, izwe kowesilisa ukuthi yena angakwazi ukukhokha into engakanani, angavele agejulwe nje kube sengathi kuyaliwa.
UNGOTI wezamasiko uDkt Nomagugu Ngobese, othi into eyenza kugcine kukipitiwe kungashadwa, yilezi zibizo ezibiza ngaphezu kwelobolo uqobo. Isithombe: KHAYA NGWENYA
“Nakuqala kwakwenziwa njalo. Kwakuboniswana, yingakho kwakuba namadoda abizwa ngabakhongi okuyiwona ayexoxisana ngesisoka nomndeni wentombi ukuze kuvunyelwane ngayo yonke into, nendoda ingasali ibhobokile ephaketheni."
Uthi izinkomo zamalobolo nezibalwa ngamagama manje, yinto eyafika nomuntu othile owayezibhalele incwadi. Kwathi ngoba abantu bayathatheka base bekwenza isitayela lokhu.
Eqhuba uDkt Ngobese uthe nabesilisa nabo banemithetho eminingi abayephulayo kwezothando nokwenza nabantu besifazane balahle ithemba kubo.
“Endulo izinsizwa zazivele ziqonywa kodwa kwakungasho ukuthi umuntu uzolobola wonke umuntu omqomile.
“Bekungezona zonke izithandani ebeziqomana zigcine zilobolana. Kodwa umehluko ukuthi insizwa ibingayoni intombi uma ingazoyilobola.
“Bekuhlukwana kungazange kuyiwe ocansini ukuze nozoyilobola ayifice isaphelele. Kodwa esikhathini samanje abesilisa bayabona abesifazane ngenhloso yokudlala ngabo. Kanti ngokwesiko umuntu izibusiso uzithola nangokwenza kahle alandele umthetho kuze kube uyachanguzelwa,” kusho uDkt Ngobese.