NJENGOBA uMengameli we-ANC nezwe Cyril Ramaphosa athi bayaphupha abacabanga ukuthi le nhlangano iyophuma emandleni, umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen, unxuse abantu bakuleli ukuthi bamkhiphe ngevoti uKhongolose.
USteenhuisen obekhuluma izolo ngesikhathi eveza izinhlelo ze-DA namanye amaqembu zokuketula i-ANC emandleni, uthe inhloso yokusebenzisana ukubuyisa izwe.
“Ukuze sikwazi ukubuyisa izwe, abantu abaphume bayobhalisela ukuvota bese bevotela amaqembu afuna ukuketula i-ANC. Akungavotelwa amaqembu azenza sengathi ayaphikisa ekubeni esebenzisana ne-ANC. Awangavotelwa amaqembu iPatriotic Alliance, Al Jama-ah neGood, ngoba angabadayisi asebenzisana ne-ANC.”
Uthe uma iqembu lingekho emaqenjini asebenzisana nabo, kusho ukuthi lisebenzisana ne-ANC kanjalo ne-EFF.
Uthe inhlosongqangi ekusebenzisaneni kwamaqembu ukubuyisa uzinzo ezweni ngokususa uKhongolose.
Amaqembu abasebenzisana nawo yi-IFP, Freedom Front Plus, ActionSA, United Independent Movement neSpectrum National Party.
Azoba nomhlangano ngo-Agasti 16 no-17 eGoli.
USteenhuisen uthe ngokusebenzisana bangakwazi ukuthola amavoti angu-14 million, okungabantu abangabhalisile ukuvota kanjalo nokunika abantu abangu-13 million, isizathu sokuthi bavote ngoba noma bebhalisile kodwa abazange bavote okhethweni lwango-2021.
Umgcinimafa we-EFF uNksz Omphile Maotwe, ekhuluma neNewzroom Afrika, uthe bayizahluleki abaholi balawa maqembu abakhetha ukuthi basebenzisane ukuze baketule i-ANC.
Uthe bazokwazi ukuketula i-ANC bebodwa ngoba bawuhulumeni olindile.
“I-DA yathi isitha sabo sokuqala yi-EFF kanjalo ne-ANC yasho kanjalo. Bangenwa amanzi emadolweni ngoba bayazi ukuthi bazokhala ngaphansi okhethweni, umengameli wezwe kuzoba nguMnuz Julius Malema.”
I-NFP ihoxile kulokhu kusebenzisana kwamaqembu.
UMnuz Canaan Mdletshe weNFP, uthe abazimisele ukusebenzisana ne-DA ngoba ayikho into ebahlanganisayo.
Uthe bake bamenywa kodwa bayakuchitha ukuthi kunokusebenzisana.
“Sisanda kunquma ukuthi sizobambisana namaqembu ahlukene kodwa izingxoxo azikaqali. I-DA ayinandaba nabantu abamnyama abahluphekayo ngakho ngeke sisebenzisane nayo. Sizosebenzisana namaqembu esimqondo munye nawo.”
UDkt Corné Mulder we-FF-Plus, uthe baqale izingxoxo zokubambisana namanye amaqembu njengoba kungekho qembu elizothola ngaphezu kuka-50% okhethweni lwangonyaka ozayo.
Uthe bafuna ukutakula abantu ekuhlukunyezweni yi-ANC yingakho besebenzisana.
Umengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa ekhuluma neSABC, uthe i-ANC ihluleke yancama ukukhipha abantu ebubheni wathi ziningi izinkinga ababhekene nazo okuyizinga eliphezulu lokungasebenzi kwentsha, ukucinywa kukagesi kanjalo nezinga lobugebengu eliphezulu.
Uthe yingakho beqale izingxoxo zokusebenzisana namanye amaqembu njengoba kungekho qembu elizophumelela ngamalengiso okhethweni.