ANGAPHEZU kwenkulungwane amaphoyisa asuka ezifundeni ezahlukene zaKwaZulu-Natal abeyingxenye yomjaho obubanjelwe ebhishi laseBlue Lagoon, eThekwini ngoLwesihlanu.
Lo mjaho waminyaka yonke webanga elingu-12.5 km uhlelwa yihhovisi likakhomishana wamaphoyisa esifundzweni usuneminyaka emithathu wasungulwa. Inhloso yawo ukuhlola ezempilo nokuzivocavoca.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, lo mjaho wasungulwa ngumkhuzi wamaphoyisa ngo-2022 kanti kulo nyaka, kubonakale isibalo esiphezulu sababambe iqhaza abasuka ezinhlakeni ezahlukene zezomthetho njengamaphoyisa kahulumeni, amaphoyisa omgwaqo, ojele kanjalo namaphoyisa angaphansi kophiko lweRoad Traffic Inspectorate.
“Amaphoyisa ajoyine lo mjaho ngenhloso yokuzigcina enempilo. Abawinile bathole imhlomelo kaR5000.”
Umqhudelwano ubumkhulu kakhulu kwabesilisa kwazise owokuqala uConstable Thamsanqa Mbanjwa nowesilibili uThemba Dlamini oyiProvisioning Administration Clerk bebeshiyana ngemizuzwana. UConstable Mbanjwa osebenzela esiteshini samaphoyisa eMontclair ubhale isikhathi esingu-42.26 kwathi uDlamini osebenzela esiteshini saseShowe ebambe isikhathi sika-42.27. Umanqoba wangonyaka odlule uSergeant Petrus Ndlela wasesiteshini sasePlessislaer uthathe indawo yesithathu ngesikhathi esingu-42.47.
Kwabesifazane uConstable Thabisile Thobeka Phungula osebenzela esiteshini saseDundee ubuyise isithunzi kwazise nguyena wokuqala ukudla umhlanganiso kusungulwa lo mjaho ngo-2022, walala isibili ngonyaka odlule. UConstable Phungula ushaye isikhathi esingu-55.04 uhlule uzakwabo uConstable Fanta Ngema osebenzela uphilo lwePOP eMpangeni njengoba emshiye ngemizuzwana engu-41. UConstable Future Jona fongaphansi kophiko lwePOP eThekwini uthathe indawo yesithathu ngesikhathi esingu-57.42.