ZIMBILI VILAKAZI NONHLAKANIPHO MNQAYI
KWENGEZWE amanye amacala amabili kwabasolwa ngokudubula babulale umculi uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane ngoFebhuwari nyakenye.
U-AKA noTibs badutshulwa ngaphandle kwendawo yokudlela eseyavalwa iWish esemgwaqweni odumile uFlorida.
Abasolwa okungoMnuz Lindani Thabani Mkhwanazi (30), Lindani Zenzele Ndimande (35), Siyanda Eddie Myeza (21), Mziwethemba Harvey Gwabini (36) noLindokuhle Lindo Ndimande (29) bebevela okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Bangene belandelana bebhekise amakhanda phansi, bebukeka bengakhathazekile kangako ebusweni.
UMshushisi woMbuso odume ngokungawabheki amacala athinta izinkabi, u-Adv Elvis Gcweka, uthe phezu kwamacala ayishumi abasolwa ababhekene nawo uMbuso wengeze amabili okushintshisana ngemali ngokungemthetho.
Ngokwamaphepha asenkantolo kuvela ukuthi uGwabini ongummangalelwa wesine kuleli cala wafakelwa imali engu-R803 455 ngokungemthetho ngoFebhuwari 11, okungusuku olwandulela okwabulawa ngalo ababili.
Kuvela ukuthi le mali yayiyinkokhelo yokubulawa kwabo.
Amaphepha aqhuba athi laba abanye abamangalelwa, okungoMkhwanazi, Ndimande (Lindani), Myeza noNdimande (Lindokuhle) elabo icala lokushintshisana ngemali libandakanya ukuthi bathola isamba semali eyayivela kuGwabini umuntu ngamunye.
Lokhu kusho ukuthi asengu-12 amacala ababhekene nawo, kuwona kubalwa elokwakha itulo lokubulala, amabili okubulala, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, elokutholakala nezinhlamvu bese kuba ayisihlanu okuzama ukubulala.
Okuphinde kwahlaluka enkantolo ukuthi abamangalelwa abane bashintshe abameli babo.
Ummangalelwa wokuqala (uMkhwanazi) nommangalelwa wesihlanu (uLindokuhle Ndimande) sebemelwe u-Adv Simphiwe Mlotshwa.
Ummangalelwa wesibili (uLindani Ndimande) nommangalelwa wesine (uGwabini) sebemelwe u-Adv Cele igama lakhe elingatholakalanga.
Ummangalelwa wesithathu (uMyeza) yena usamelwe uYolanda Gielink obevele emumele phambilini.
Ekhuluma nabezindaba uGielink uthe akukho okuhlanganisa uMyeza naleli cala.
“Wayeneminyaka engu-20 ngaleso sikhathi. Uyise owayengusomatekisi, washona. Asazi ukuthi yini eyenze bamhlanganisa naleli cala ngoba uthola imali enele emabhizinisini akubo (amatekisi) ukuthi ubengathatha uR200 000 ayobulala umuntu ebeka engcupheni impilo yakhe,” kusho uGielink.
Uphinde waveza ukuthi wuye omele abasolwa ababili okungoMnuz Siyabonga Gezani Ndimande noMalusi Dave Ndimande abasabhajwe eSwatini nabo okuthiwa bayathinteka kuleli cala.
Izelamani zakwaNdimande ziboshelwe ukuba kuleliyazwe ngaphandle kwamaphepha abagunyaza ukuba kulo. Kuthiwa bafudukela khona beyobhaca emva kokubandakayeka ecaleni lokubulawa kuka-AKA noTibz.
“Angikawatholi amaphepha okwamanje, ngisawacelile kodwa ngiyakuphikisa ukubuyiselwa kwabo kuleli. Nginezizathu zalokho. Ngeke ngikwazi ukuqhubeka ngiphawule kakhulu ngalokho njengoba besangale. Uma seluphothuliwe uhlelo lokubuyiswa kwabo yilapho engingakwazi khona ukuthi ngiphawule kangcono sengithathe imiyalelo kubo,” kusho uGielink.
IMantshi, uMnuz Vincent Hlatshwayo, ithe kuzoqalwa ngoLwesine oluzayo ukulalelwa kwesicelo sebheyili.