AKANGENANGA ohlelweni iSigiya Ngengoma umsakazi woKhozi FM, uBheka “Beekay” Mchunu, osevame ukuhlushwa wukugula okumxaka uma esebenza.
UBeekay usakaza uhlelo iSigiya Ngengoma oludlala umaskandi njalo ngoMgqibelo ngo-9 kuya ku-12 emini. Lolu hlelo lungolunye okuthiwa lunezindimbane zabalaleli abathanda umculo wesintu.
Bekulindeleke ukuthi angene kodwa kwezwakala iphimbo likazakwabo uNkosinathi Mshengu esakaza uhlelo. UMshengu ubesakazela enkundleni eKhayalethu eSikhaleni, lapho uKhozi FM beluqhuba khona umkhankaso walo iNyus’ iVolume.
Ngesonto eledlule leli phephandaba libike ngokunqamuka kukaBeekay esemoyeni, uhlelo lwathathwa wuzakwabo uNonhlanhla “Mroza” Buthelezi.
UMroza wathatha uhlelo engaphandle lapho ababesakazela khona beqhuba umkhankaso wabo wokulwa nodlame lobulili. Kusabalale imibiko ethi uBeekay kuphoqeleke ukuthi aphume emoyeni ngenxa yokugula.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana babekhala ngokuthi bamuzwe ehiqiza uBeekay njengomuntu onqanyukelwa wumoya esakaza, bazwelana naye. UBeekay uzanywe kaningi ocingweni kodwa lungabanjwa, uthunyelelwe nemiyalezo engayiphenduli.
Okhulumela iSABC, uGugu Ntuli, uthe uBeekay unenkontileka emvumelayo ukuthi abuye athi ukushenxa kancane uma efuna.
“Abaphathi bomsakazo, Ukhozi FM bafisa ukukubeka kucace ukuthi uBheka Mchunu ungumsebenzi ozimele onenkontileka, futhi unalo ilungelo lokuthi abuye athi khumu kancane uma efuna. Ngokomgomo wokusebenza iSABC ayizikhulumi izindaba zabasebenzi ezithinta ezempilo,’’ kusho uGugu.
Ngokwempendulo yabo abeSABC abakuphikanga futhi abakuvumanga ukuthi uBeekay uphuthe emsebenzini ngenxa yokugula osekuthanda ukumjwayela.