INGASE iqale ingqayingqayi yezikhundla zikahulumeni eqenjini, iMK, eligila izimanga okhethweni ikakhulukazi KwaZulu-Natal lapho ishiye khona kukhalwa emaqenjini.
Umbuzo osezindebeni zabaningi njengamanje owokuthi ngabe yibaphi abaholi abazobonakala bevumbuka bephatha iminyango kahulumeni kulesi sifundazwe KwaZulu-Natal uma leli qembu lithatha izintambo.
Amagama abaholi abaziwayo abafana nowake waba yisikhulu esiphezulu eMnyangweni wezokuThutha KwaZulu-Natal, uDkt Kwazi Mbanjwa nowake waba nangumeluleki kaZuma, nowake waba wuNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Nkosinathi Nhleko, ngamanye amagama alokhu eqhamuka.
Njengamanje iMK ayinalo uhlaka njengoba ingakaze ibe nengqungquthela yokukhetha abaholi. Nemigomo yayo ayiqondwa kwazise ayikaze futhi yaba nengqungquthela yemigomo.
Akwaziwa futhi ukuthi igadla ngobani nasezikhundleni zondunankulu njengoba nakhona eKZN kungaziwa ukuthi izogadla ngobani.
Leli qembu liye okhethweni linezinyanga cishe eziyisithupha likhona nokuchaza ukuthi lisha ceke.
Lisebenza kakhulu ngezinhlaka zesikhashana nakhona bekuphekwa kuthululwa. Inqwaba idilizwa ezitezi zezikhundla ebinikezwe zona.
Kuzwelonke isebenza ngesigungu esiphezulu sesikhashana esinabaholi cishe abangu-25 abathatha izinqumo.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe nakuba bengakahlali phansi bakhulume ngezikhundla zikahulumeni kodwa abanalo uvalo.
“Hhawu senikhuluma ngezikhundla njalo? Thina sisabhekene nomsebenzi wokuthola amavoti. IKZN siqedile ngayo, siyithathile futhi sinabo abantu abafanelwe wumsebenzi esizobajuba, nizobona nje,’’ kusho uNdhlela.
UNdhlela uthe akuyona kuphela iKZN lapho ababheke khona kodwa nakuzwelonke basazowenza umonakalo uma sekuqedwe kahle ukubalwa kwamavoti.
Uthe abaholi abaqavile bakhona noma ngabe kuthiwa izinhlaka ezisemthethweni azikakhiwa. Uhulumeni wesifundazwe eKZN uma ubunjwa kuba nabaphathiswa abawu-11.
Ngaphandle kwabaphathiswa, kube sekuqokwa usomlomo weSishayamthetho sesifundazwe okunguyena okhethwa kuqala ukuze kuhlale indlu. Usomlomo uba nephini lakhe elimlekelelayo ukuze ukusebenza kweSishayamthetho kuhambe kahle.
ISishayamthetho sesifundazwe sinezihlalo ezingu-80 ezisuke zizovalwa amalungu avela emaqenjini. Kulindeleke ukuthi uma kwedlula ukhetho bese kuqala ukujuba abantu ezikhundleni, kufungiswe undunankulu bese eqoka abaphathiswa.
Kwenzeka konke lokhu nje iMK yadiliza obeyibamba lomdidiyeli wayo KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Ngidi, owugalagala kwezokuphatha uhulumeni.