SIPHILA esikhathini lapho ubuchwepheshe besimanje bukhula futhi buthuthuka usuku nosuku okwenza cishe wonke umuntu angasaleli emuva kukona, ikakhulu izingane ezisafunda isikole ngoba zona zinomqondo osheshayo ukubamba izinto ezintsha.
Nakuba lokho kusiza ngokuthi kwenza izinto zibe lula, nolwazi lwezinto ezahlukene lutholakale kalula ebantwini kepha ongoti bezempilo baxwayisa ngokuthi lokho kungaba yingozi empilweni yomntwana osemncane nosafunda isikole uma engakhalinywa.
Umeluleki wezempilo wesikhungo sezempilo esizimele, i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, uthe nakuba ubuchwepheshe busiza ukuvula iminyango yezemfundo futhi kuxhumanisa abantu kodwa kusemqoka ukuthi abazali balawule indlela izingane zabo ezibusebenzisa ngayo nsuku zonke.
“Ukushaya imithetho yokuthi abantwana bakho babusebenzise kanjani ubuchwepheshe besimanje ngenye yezinto esiyikhuthaza kakhulu ukusiza ukuthi izingane zabo zingaphazamiseki emfundweni yazo.
“Siyaye sikhuthaze ukuthi izingane ezineminyaka emihlanu kuya kwewu-17 zingachithi amahora angaphezu kwamabili komakhalekhukhwini bazo zenza izinto ezingenasidingo. Kungcono uma zenza izinto eziqondene nezifundo nomsebenzi wesikole wasekhaya,” kusho uHewlett.
Nakhu okunye ongakwenza ukulawula indlela umntwana wakho asebenzisa ubuchwepheshe neselula yakhe ngayo:
Khuthaza umntwana ukungahlali ndawonye
– Ukuchitha isikhathi eside ocingweni kubeka umntwana wakho engozini yobuvila okungaholela ekutheni akhuluphale futhi angabi namdlandla wokwenza lutho. Ngakho ukumjwayeza ukuthi emva kwesikole azibandakanye kwezemidlalo noma azivocavoce kungasiza ukumgcina enomdlandla.
Fundisa umntwana wakho ukwenza into eyodwa ngesikhathi
– Ukujwayela komntwana wakho ukusheba yonke into nocingo esandleni kungenza abe nomkhuba omubi wokungakwazi ukugxilisa umqondo wakhe entweni eyodwa ebalulekile ngakho mkhuthaze ukuthi uma kukhona asematasa ngakho, abeke umakhalekhukhwini eceleni ukuze kwenzeke ngendlela efanele.
Hlelela umntwana wakho igumbi azofundela kulona
– Ukuhlela igumbi lapho umntwana wakho ezofundela khona kungasiza ukuthi angaphazanyiswa ngezinye izinto njengokubuka ithelevishini kuze kweqe, agcine ekhohlwa wumsebenzi obalulekile wesikole.
Yenza ubuchwepheshe besimanje bumsebenzele
– Esikhundleni sokuthi umntwana wakho asebenzise ubuchwepheshe besimanje ukwenza izinto ezingayisani ndawo, mfundise ukuthi angazisebenzisa kanjani ukuthekela ulwazi nokwenza izinto ezizomyisa phambili nempilo yakhe.
Beka eqhulwini ukulala ngokwanele emntwaneni wakho
– Ukulala ebusuku kakhulu kungaba nomthelela omubi emntwaneni wakho ngenxa yokuthi kungadala ukuthi njalo uma evuka ekuseni, avuke ekhathele futhi engakulungele ukuqala usuku lwakhe ngendlela efanele. Qikelela ukuthi umntwana ulala amahora ayisishiyagalombili kuya kwawu-10 ukuze umzimba wakhe uzophumula ngokwanele nangokufanele.