UKUFISA ukuba wusizo ekhaya emva kokudlula emhlabeni komuntu obeyinsika futhi kubhekwe yena emndenini, kwenza uNksz Mayenziwe Buthelezi wafisa kube khona akwenzayo ukuphonsa itshe esivivaneni ukuze kungazweli empilweni yansuku zonke.
Uyiqale kanjalo ekuqaleni kwalo nyaka iMayenzi’s Laundry, ibhizinisi elisiza amakholwa akhonza emabandleni aseZayoni ngokuwawashela umfaniswano wawo wenkonzo,awa-ayinele futhi ewafakele ne-starch sokwenza izimpahla zawo ziqine futhi zibe zinhle.
Elandisa ngomcabango waleli bhizinisi, uNksz Buthelezi (21) owenza unyaka wesibili ezifundweni ze-Safety Management e-University of South Africa, eThekwini, uthe uze ufika lapho asekhona manje nje, indaba yaqala ngenkathi ebandakanyeka engozini yemoto ngonyaka odlule, lapho kwashona khona uyise omdala, owayewusizo ekhaya.
“Lokho kwenza ukuthi isimo sasekhaya sibe nzima kakhulu ikakhulu ngoba nobaba ongizalayo, osekuwuyena omdala osele, wavele waphelelwa wumsebenzi emva kwaleso sigameko, okwafana nokuthela usawoti esilondeni. Yilapho nami engabona khona ukuthi kumele kube khona engikwenzayo ukuguqula isjmo sasekhaya njengoba nganginenkinga yokungawatholi amatoho okusiza ukwenza umehluko emndenini,” usho kanje.
Eqhuba, uNksz Buthelezi waKwaMashu, uthe yilapho afikelwa khona wumcabango wokuthi aqale leli bhizinisi, aliqale ngokudoba amakhasimende amaningi eqoqweni leWhatsApp webandla akhonza kulona iHoly Stars Apostolic Church in Zion, ebeliholwa uyise omdala ongasekho emhlabeni.
“Ngiqale kanjalo ngazisa abantu ngalo, bangeseka kakhulu abasebandleni engikhonza kulona, kwaya ngokuya kwanda nabanye abasabalalisa umsebenzi engiwenzayo, okungisize ukudoba amakhasimende aseThekwini namaphethelo, eNdwedwe nakoMnambithi asithintayo ngenxa yobuhle bomsebenzi wethu,” kusho yena.
Uthe inselelo asabhekene nayo okwamanje wukuthi njengoba ibhizinisi lisaqala futhi lingakachumi, kusadingeka ukuthi akhiphe imali yakhe ukuvala izikhala ezivelayo ezidinga imali, nokuthi ngezinye izinsuku kubuye kuthuleke, angabi bikho amakhasimende.
“Isikhathi esihle yimanje njengoba kuza inkonzo yoMkhosi wePhasika lapho abantu abaningi bengithinta khona becela uku-ayinelwa nokuthi sibatashele izimpahla zabo, engikholwa wukuthi kuzoya ngokuya sigcine sichuma ngomsebenzi esiwenzayo, sibe nezinsiza zokusebenza ngibala nomshini wokuwasha ozokwenza kuphuthume umsebenzi esiwenzayo nsuku zonke,” kusho uNksz Buthelezi.