UKWESABA indlala kuholele ekutheni asungule elinye ibhizinisi kade elinye lisanda kucekeleka phansi.
UNksz Zime Mpanza waKwaDlangezwa eMpangeni, ongumfuyi wezinkukhu ezidayiswa ziphila, sezichuthiwe noma seziphekiwe, iSiwela Organic Chicken, uthe ngaphambi kokuthi angene kuleli bhizinisi, ubenebhizinisi lokugadela abantu izingane uma beyogilosa eSanlam Centre, eMpangeni.
Leli bhizinisi liphazamiseke ngesikhathi kucekelwa phansi inxanxathela yezitolo ngesikhathi abantu bezitapela ezitolo ngo-2021.
Uthe walahlekelwa yizinsiza okwakhumthathe iminyaka ukuthi azithenge okuyizincwadi zodado, amakhamera, izihlalo amatafula nezinye izinto zokujabulisa odado. Wahlala ekhaya engazi ukuthi uzokwenzani okwaholela ekuthini acabange ukudayisa izinkukhu ezinhlanu ezazisekhaya.
"Lezi zinkukhu sasizithenge sithi sifuna umama ayeke ukusebenza aziqalele ibhizinisi, wangayingena leyo. Ezinye zadliwa. Ngesikhathi ngicabanga ukuzidayisa zase zizinhlanu.
“Ngabhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngidayisa izinkukhu, ngizidayisa ziphila noma sezichuthiwe, ofuna ngimdilivela ngiyakwenza lokho. Angizange ngisho ukuthi lezo zinkukhu zinhlanu kuphela,“ ehleka.
Uthe kwaphela usuku sezithengwe zonke ngoba ngaleso sikhathi kwaqondana nokuthi izitolo eziningi zazicekelwe phansi nezazivuliwe zingenakho ukudla okwenele.
“Abanye bathenga ngoba bezidinga abanye bengidabukela ngoba ngasho ukuthi ibhizinisi lami licekelwe phansi ngesikhathi abantu bezitapela enxanxatheleni yezitolo.
“Okwakungijabulisa mina wukuthi kwathengwa. Ngathola ipulazi ngazithenga khona ngazidayisa. Kuthe lapho sekwehlile ukuthengwa kakhulu ngazikhulisela ezami,” kusho uNksz Mpanza.
Uthe ngesikhathi eliqala ibhizinisi ezinqunyiwe wayezifaka koplastiki abamnyama, ngokuhamba kwesikhathi waba namalebuli amahle.
"Indlela ibhizinisi elikhula ngayo ikhonjwa ngamakhasimende. Amakhasimende ami kukhona agcine esefuna inyama yenkukhu ebilisiwe neyosiwe, amanye afuna eziphilayo ngoba asuke efuna ukwenza imicimbi yesintu," kusho yena.
Uthe wajwayela esemncane ukusebenza kanzima ngoba uyise wayengaphumuli ngisho kuwuKhisimusi esebenza nabo engadini.
"Anginaso isikhathi sokuphumula, inkampani yami ineminxa emihlanu, inhlangano esiza izintandane, iSiwela Youth Empowerment; ngehlanza emakhaya, iSiwela Cleaning Services; ngeyenza imicimbi, iSiwela Decor and Events kanye neyokwakha, iSiwela Construction .
“Lokhu kungenza ukuthi ngingalali ngoba zonke lezi zinkampani kunesikhathi lapho zidinga mina," kusho uNksz Mpanza
Le ntokazi ithi ngaphambi kokuthi izivulele amabhizinisi ayo, yayiyingxenye yabebefundisa izitshudeni ngengculazi nokuya ocansini oluphephile kusetshenziswa umculo nokulingisa, iDrama in Aids Education (DramAidE), enyuvesi yaseZululand (Ongoye) okuyilapho yafikelwa khona wumqondo wokuzivulela inhlangano yokuthuthukisa intsha.
"Ngesikhathi ngivula leyo nhlangano ngacela ilivu yezinyanga ezintathu engakhokhelwa ngenzela ukuthi ngiqale umsebenzi wami ngibone ukuthi kuyasebenzeka yini.
“Kwakuyinto engakaze yenziwe muntu ukuthi ucele ilivu engakhokhelwa. Abantu abaningi babesheba umsebenzi nalokho abaziqalele khona. Lokho kwenza ukuthi ungaboni kahle ukuthi into yakho iyaqhubeka ngoba awuyiniki isikhathi esenele," kusho yena.