UKUSABALALISA ulwazi lwemfuyo ezinkundleni zokuxhumana kuzale ibhizinisi lokuba umeluleki wemfuyo ozimele.
UNksz Nokhukhanya Ngubo, odabuka eXobho osebenza epulazini elikhulisa izinkomo ezingamaBrahman amhlophe, iThabanyama eseNewcastle naseFree State, ubejwayele ukuzishutha ejova izinkomo noma ezihlola ukuthi ziphile kahle wagcina esenabantu abaningi abamfonelayo befuna ukuthi abasize ngolwazi lokuphathwa kwemfuyo.
Lokhu uthi ubekwenza ngoba enothando lokukhulisa ulwazi kubafuyi abasathuthuka ukuze bangafelwa imfuyo kodwa ukuchitha isikhathi esiningi ocingweni ekhuluma nabafuyi abehlukene kuholele ekutheni agcine esebona ukuthi kungcono avule inkampani yakhe, iBrahman Lady Consulting enamahhovisi eMpangeni.
UNksz Ngubo oneminyaka eyevile kwemihlanu esebenza kulamapulazi eyimenenja yawo uthe lo msebenzi uwenza ngocingo, ukweluleka ehhovisi noma ukuvakashela abalimi lapho bekhona.
"Ngiyawuthanda umsebenzi wami futhi ngifisa ukuthi abantu bazi ukuthi nabantu besifazane bawenza kahle uma benikezwe ithuba. Igama elithi Brahman Lady igama abafuyi abangibiza ngalo ngoba ngisebenza epulazini lalezi zinkomo, ngibone ukuthi angisebenzise lona ngoba yilo engidume ngalo," ehleka.
Uthe yize eyimenenja futhi enze izifundo ze-Animal Science egxile emfuyweni yasekhaya, uma kuqhamuka ithuba lokufunda okusha akaliyeki njengoba esekwazi nokuthi lenziwa kanjani i-wors, ukunakekela imfuyo yasendle kanye nokuhlela indali edayisa zinkomo zamaBrahman kanye nezinkomo zenyama.
"Angihlali phansi ngoba ngithi ngiyimenenja, ngenza noma yini eyenziwayo epulazini ngoba mina ipulazi ngiqale ukusebenza kulo sengiqashiwe angikhulelanga kulo ngakho kubalulekile ukuthi ngifunde konke ngalo," kusho yena.
Uthe ngenxa yokuzinikela kwakhe umqashi wakhe akanayo inkinga ngokuthi unebhizinisi ebe esaqashiwe ngoba uyazi ukuthi ubehlale ebeluleka abafuyi mahhala.
"Abafuyi abaningi bayafona ngibeluleke ngocingo kodwa bakhona okuye kudingeke ukuthi ngiye emapulazini abo. Iningi labafuyi engibasizayo bangabafuyi abanamapulazi amakhulu adayisa izinkomo kodwa nabasebancane ngiyabasiza ngoba ngifuna ukuthi ngigcine ngifinyelele kubafuyi abajwayelekile basemakhaya," kusho yena.
Uthe ngaphandle kokululeka ubuye adayise inyama yenkomo okuyithuba elizivulekele engaqondile.
"Nami nginazo izinkomo okungezami kuye kube nesikhathi lapho ngiye ngizidayise khona. Ngifunde ukuthi inyama ikhipha imali eningi kunenkomo edayiswa ihamba ingakho ngithe ake ngizame ngadayisa inyama ngoDisemba ngenzela ukuthi abanezitokofela bayithole eduze inyama. Bengisuka eNewcastle nenyama ikwi-cooler box ngiye eNewcastle kuphele ihora isiphelile. Manje segifunde nokudonsa ifriji elingumahamba nendlwana," kusho yena.
Uthe kulo mkhakha wokudayisa inyama kunzima ukuthi ungene ugxile uma ungenayo imali ngoba kudingeka iziqandisi neminye imishini efa kalula njengoba kunohlelo lokucisha ugesi ngenhloso yokuwonga.
"Ngiye ngikhokhele ukuhlinzwa kwemfuyo emadeleni nokubeka inyama kwabanamafriji, kuze kube ngiyakwazi ukuzimela. Sengikwazile ukuthola ipulazi lami elingu-800 hacters eliseDundee. Okwamanje angikalisebenzisi ngisashoda ngezinsiza. Uma sengizitholile ngizoqala ngikhiqize kulo ngisebenzisane nabanye abantu abasha abakulo mkhakha ukuze basebenzise ulwazi lwabo ukuze sakhe umnotho ongowethu," kusho yena.