ENYE yezinto okuhlale ukukhuthazwa abantu ukuthi bazenze futhi baziqikelele emhlabeni wukuphila impilo ngendlela enempilo ukuze baphile kade, nokho lokho kubukeka kusekude ukulunga njengoba inhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organization ihlale iqoqa ulwazi olukhomba ukuthi inkinga yokukhuluphala ngokweqile kwabantu ilokhu yanda njalo.
Ocwaningweni olusanda kwenziwa yi-WHO kuvele ukuthi iNingizimu ngelinye lamazwe abhekene nale nkinga emhlabeni, njengoba kuyiyona ehamba phambili ngesibalo esiphezulu sabantu abakhuluphele ngokweqile ezwenikazi i-Afrika, okuvela ukuthi kulabo bantu u-68% wabo ngabesifazane, bese kuthi u-38% wabo ngowabesilisa.
Lokhu akuyona inkinga ephazamisa impilo yalabo babntu kuphela, njengoba kuholela enkingeni yokuthi bahaqwe kalula yizifo okukhona kuzona umfutho ophezulu wegazi nesifo sikashukela. Lokhu kuzwakala nje ngoMashi 4, bekuyiWorld Obesity Day, usuku lokuqwashisa abantu ngale nkinga ngenhloso yokuthi abantu bashintshe indlela abaphila ngayo.
Umengameli we-Association for Dietetics in South Africa uNksz Maria van der Merwe uthe enye yezingqinamba eziholela kule nkinga wukuthi ukudla okunempilo kumba eqolo, bese kuthi lokho okuyingozi empilweni yomuntu nokudala ukukhuluphala ngokweqile kutholakale kalula, okwenza kube lula kubantu ukuthenga bese bedla ukudla okuyingozi empilweni yabo.
Uthe kungakalungiseki leyo nkinga yamanani okudla okunempilo nokuyingozi ebantwini, ubona le nkinga isazoqhubeka emphakathini. Ezeseka kulokho uthe akwanele ukuthi uma usemtholampilo utshelwe ukuthi kumele uzivocavoce bese udla ukudla okunempilo ngoba ziningi izimo ezenza ukuthi abantu bangakwazi ukuphila kanjalo; kubalwa nezokuphepha ezenza abantu banqene ukuvuka ngovivi bagijime ezindaweni ezinobugebengu, bese kuba yiyo leyo yokuthi ngisho umuntu efisa ukuphila kahle, amanani okudla ayamvimbezela.
Umqondisi weGrow Great Campaign uDkt Edzani Mphaphuli yena uphosele abantu inselelo yokuthi kube khona abakwenzayo ukubhekana nale nkinga, wanikezela ngala mathiphu:
- Abantu abaphosele uhulumeni inselelo yokuthi kube khona akwenzayo ukuqinisekisa ukuthi izinhlaka zezempilo zinikezela ngezinhlelo ezibeka eqhulwini impilo ecolekile.
- Abantu abayeke ukukhombana ngeminwe nokusolana bodwa ngenkinga yokukhuluphala ngokweqile, kunalokho bafune kwenziwe izinhlelo ezizokweseka abasenkingeni.
- Abantu kumele bakhulume ngokuthi kwenziwe izinhlelo zokusiza abesifazane abasanda kuteta ukuthi balekelelwe ngohlelo lokuthi izingane zabo zidle futhi ziphile ngendlela enempilo zisanda kuzalwa ukuze zingabi sengozini.
- Abantu abakhulumele ukuthi amanani okudla ehle ukuze bathenge ukudla okunempilo ngamanani angambi eqolo.
- Abathengi abalwe nezikhangiso zokudla okungenampilo ezenza kubukeke sengathi kuhle futhi kumnandi, ekubeni kubeka impilo yabo engozini.
Isazi sezokudla, uNksz Liezel Engelbrecht, sithe kuyakhathaza ukuthi bangaphezu kukahhafu abantu bakule lizwe abanenkinga yokukhuluphala ngokweqile, athi kuyinkinga nangokuthi kufaka ingcindezi emnothweni wezwe ovele ucindezelekile, njengoba kudla okungenani uR33 billion njalo ngonyaka wezindleko zabo zezempilo.
“Le nkinga idinga ukuthi uhulumeni ubambisane nezinkampani ezizimele nezinhlaka ezahlukene zomphakathi ukuqhamuka nesixazululo esizozisa wonke umuntu,” usho kanje.