ABESIFAZANE abasagcini ngokwenza izinwele ema-salon kodwa sebefuna nokubhucabhucwa njengoba bethi lokho kususa ukhwantalala bazizwe bejabule.
Lezi zindaba zivezwe nguNkk Nonjabulo Ndlovu obegubha unyaka avula i-salon yakhe iQhakaza Hair &Beauty Corner esinendawo yokubhucabhucwa umzimba (spa).
Leli bhizinisi ulivule ngokubambisana nozakwabo uNkk Xoliswa Mlondzi abazitshela ukuthi bafuna ukwenza i-salon ecwala izinwele zabantu abamnyama eGillits, eThekwini.
“Sabona ukuthi lapha eGillits kunama-salon acwala izinwele zabamhlophe, awekho acwala ezabamnyama. Sibe sesivula i-salon ezobhekela izinwele zethu. Ngesikhathi amakhasimende ezolungisa izinwele, efaka izinzipho nezinkophe, ebebuza ukuthi asikwazi yini ukuwabhucabhuca ikhanda, izinyawo namahlombe. Lokhu kusinike umqondo wokuthi senze indawo yokubhucabhuca umzimba.”
Uthe njengoba bebegubha unyaka wokuqala bebevula nendawo yokubhucabhuca umzimba amakhasimende akhe ayijabulele kakhulu.
“Abantu besifazane bayathanda ukubhucabhucwa umzimba ngoba lokhu kwehlisa ukhwantalala futhi kubalethela injabulo. Vele ukwenza ikhanda nezinzipho kuletha injabulo kodwa uma usubhucwabhucwe nomzimba uzizwa uphilile, emzimbeni nasengqondweni,” kusho uNkk Ndlovu.
Uthe baqala bebabili noNkk Mlondzi kodwa manje sebevule amathuba omsebenzi amahlanu njengoba kukhona abacwala izinwele nababhucabhuca umzimba.
Uveze ukuthi benza lonke uhlobo lwezitayela zasekhanda, ezezinzipho kanjalo nalo lonke uhlobo lokubhucabhuca umzimba.
UNkk Mlondzi uthe akusilo iqiniso ukuthi abantu besifazane abakwazi ukusebenzisana ngoba yena noNkk Ndlovu babambisene kahle kakhulu.
Uthe umanqoba wukuhlukaniselana kahle umsebenzi ngaphambi kokuvula ibhizinisi ukuze kungabikhona ozosindwa kakhulu kunomunye.
Ubuye waveza nokuthi kufanele abesifazane bazane ukuthi yini abakwazi ukuyenza kahle, isibonelo nje omunye ukwazi ukuthenga isitoko sebhizinisi, omunye ukwazi ukubhalansisa amabhuku. Lokho kuyasiza ukuthi basebenzisane kahle futhi nebhizinisi liphumelele.