UMA kubalwa izifo ezibhuqabhuqa abantu emhlabeni jikelel, asisali ngaphandle isifo sofuba phecelezi i-Tuberculosis (TB) njengoba singesinye sezifo ezibalwa neziphambili ezibulala abantu, u-25% wabantu abafa ngenxa yaso kuvela ukuthi ngowasezwenikazi i-Afrika.
Njengoba uMashi waziwa ngokuthi uyinyanga yokuqwashisa ngalesi sifo
futhi ngoMashi 24 kuzobe kuyiWorld TB Day, usuku lokuqwashisa ngalesi sifo, miningi neminye imikhankaso onhloso yayo kuzobe kuwufundisa abantu ngobungozi baso ukuzama ukunciphisa isibalo sabantu abahaqwa nababulawa yisona ezweni nasemhlabeni jikelele.
Siyini sona isifo sofuba?
- Yisifo esilimaza amaphaphu kodwa futhi okwenzekayo ukuthi sitholakale nakwezinye izingxenye zomzimba, okudalwa ngamagciwane abizwa ngama-mycobacterium tubercolosis atholakala esikhwehleleni somuntu uma ekhwehlela osuke esenalesi sifo. Sijwayele ukushaya izinhlayiya zamaphaphu okwenza kube nzima ukuphefumula, okungaze kwenze nokuthi uma ukhwehlela kuphume igazi. Kanti inkinga enkulu ngalesi sifo wukuthi uma singelashwanga kusenesikhathi, siyabulala.
Zimi kanjani izibalo zesifo sofuba emhlabeni?
Balinganiselwa cishe ekoteni abantu abatheleleka ngalesi sifo emhlabeni jikelele, kanti babalelwa ku-5% kuya ku-10% kubona abakhombisa izimpawu zaso, sesibahaqe ngempela.
UDkt Themba Hadebe weBonitas Medical Fund uthe kumqoka ukukhumbula nokwazi ukuthi lesi sifo siyelapheka, kepha kuningi futhi abantu okumele bakuqaphele ngaso. Uthe: “Kumele sonke sikuqaphele ukuthi lesi sifo sithelelana kanjani, izimpawu zaso nobumqoka bokuthola usizo lwabezempilo uma sesikuhaqile.”
I-South African National Strategic Plan ihlela ukulawula ukusabalala kwe-TB, ngenhloso yokuthi ngo-2032 kube sekungasekho muntu obulawa iyona ezweni, njengoba okwamanje kusasobala ukuthi sisaqhubeka nokuhaqa futhi sibulale abantu abaningi.
“Ukudlebeleka kwalesi sifo kunomthelela omubi emnothweni, njengoba singagcini ngokudla imali eningi efakwa kwezempilo kepha futhi silimaza izinkampani namabhizinisi ehlukene njengoba esisuke sesimhaqile kuyenzeka kuphoqe ukuthi angayi emsebenzini kuze kuphothulwe uhlelo lokumelapha oluvame ukuthatha izinyanga eziyisithupha, kanti indlela elula yokusihlola ukuhlolwa isikhwehlela noma uhlolwe esifubeni,” kusho uDkt Hadebe.
Sithelelana kanjani isifo sofuba?
- Lesi sifo sithelelana ngokuthi amagciwane akulowo onaso asabalale ngomoya uma lowo muntu ethimula, ekhwifa amathe noma ekhwehlela. Izimpawu zayo zivame ukuvela engakapheli amasonto ayisithupha kwesimhaqile.
Ubona kanjani ukuthi usunalesi sifo?
- Ukhwehlela ngokweqile kuze kuphele amasonto amabili futhi kube buhlungu emphinjeni.
- Ubuhlungu esifubeni.
- Ukuzizwa ungakuthandi ukudla futhi wehle nasemzimbeni.
- Ukugodola ngisho kushisa.
- Ukujuluka ngokweqile nangendlela engajwayelekile uma ulele ebusuku.
- Ukuzwela amakhaza ngokweqile kuthi noma ususendaweni efudumele uqhubeke ugodole.
- Ukukhwehlela igazi.
Wumuntu onjani osengcupheni enkulu yokutheleleka ngegciwane?
- Kumqoka ukuqaphela nokuqonda ukuthi i-TB kunzima ukuyelapha kalula ezinganeni ngenxa yokuthi izingane zisuke zingakabi namandla enele okulwa nezifo ezahlukene, yingakho wena mzali kumele usheshe usukume uqaphele lezi zimpawu emntwaneni wakho. Abantu abaphila negciwane lesandulela ngculazi, abakhulelwe, yizingane ezineminyaka emihlanu kuya phansi, abanesifo sikashukela, abahlala emijondolo, abaphuza utshwala ngokweqile, ababhemayo, abasebenza ezimayini nabasemajele yibona abasengozini enkulu yokuhaqwa yilesi sifo.
Wenza njani ukuziphephisa kulesi sifo?
- Abantu abasebenzisa imithi namaphilisi okwelapha i-TB kumele baqinisekise ukukusebenzisa ngendlela efanele kuze kuphele ukusiza ukugwema ukusabalalisa lesi sifo.
- Vala umlomo wakho nekhala uma ukhwehlela noma uthimula.
- Geza izandla zakho ngensipho namanzi zikhathi zonke.
- Gcina umzimba wakho unempilo ngokuthi udle ukudla okunempilo futhi uzivocavoce.
- Vula amafastela omuzi wakho noma wakini uma uhlala nomuntu onalesi sifo ukwenzela ukuthi umoya awuphefumulayo onamagciwane uphumele ngaphandle.
- Okunye okumqoka wukuthi uma umuntu ekhombisa izimpawu zalesi sifo emsebenzini ahlale ekhaya kuze kube wukuthi sekuqinisekisiwe ukuthi akanalutho, uma kutholakala ukuthi unalesi sifo futhi kuqale ngokuthi selashwe ngaphambi kokuba abuyele lapho okunabantu abaningi khona.