Umbuzo
Ngingowesifazane ngishade nesoka engalifica linezingane ezimbili kodwa umama wazo washona sebelobolene nomyeni wami.
Sonke lesi sikhathi bezihlala komalume wazo kodwa manje umyeni wami usefuna zizohlala nathi ngoba sesishadile.
Uthi ufuna nazo zikhulele ekhaya lazo. Inkinga mina angikulungele ukuhlala nezingane engingazizali, angiboni ukuthi ngizokwazi ukuziphathisa okwezami.
Mina nomyeni wami asikabi naye umntwana wethu sisazama ukumenza manje angifuni afike sengikhathele, ngikhathazwe yilezi zingane okumele ngihlale nazo.
Umyeni wami uyazithanda kakhulu izingane zakhe manje angazi ngingamtshela kanjani ukuthi mina angifuni ukuhlala nazo.
Impendulo
Njengamanje kubukeka sengathi wena uzicabangela wena kuphela, awukwazi ukuvuma ukushada nomuntu onezingane kodwa ekugcineni bese uthi awufuni ukuhlala nazo.
Uthi azihlale kuphi lezo zingane ngoba phela lapho kusekhaya lazo okumele zikhulele kulo?
Ngeke uthande indoda kodwa izingane zayo ungazithandi ekubeni uthi uzovusa umuzi wendoda.
Awuke uyicabangisise kahle lento yakho ngoba uma ungayitshela umyeni wakho, umshado wakho uzolenga ngokotini.
Ncenga inhliziyo yakho, izingane umfice esenazo, kumele uzithande, ncenga inhliziyo yakho.
Kwakumele ungavumi ukushada nendoda enezingane kwasekuqaleni.
Okanye-ke mtshele umyeni wakho, athathe omunye umuntu ozokwazi ukuhlala nezingane zakhe (angicabangi ukuthi uyakufuna lokho).