Umbuzo
MAGUMEDE, ngisenkingeni lana dadewethu. Ngiphoxwe isoka lami leminyaka, lo bhuti ubethembise ukuthi uzoletha abakhongi ekhaya ngesonto elidlule, nangempela ngabikela abadala kwalungiswa kwathengwa yonke into. Ngikutshela ukuthi abazange bafike abakhongi, ugcine engasatholakali ocingweni lwakhe ngosuku abebezofika ngalo. Ekuseni ngimfonelile wathi sebesukile kodwa ngibone kushaya ihora lesishiyagalolunye bengafiki ngafona futhi wathi bayeza. Emva kwalokho angiphindanga ngamthola. Angikaze ngiphoxeke kanje empilweni yami, manje uthi yena ubezidlalela akanayo kwamali yabakhongi leyo. Ngiphatheke kabi ngiyinhlekisa nasemndenini wami, ngicela ungibonise ukuthi ngidlula kanjani kuleli hlazo?
Impendulo
Ngiyethemba ukuthi njengoba ungibhalela nje awusathandani nalowo sathane ngoba inhloso yakhe bekungukuthi abukise ngawe kini. Ukwenzile- ke waphumelela kulungile kodwa phuma kuyena ngoba akanangqondo akazazi nezinto zokudlala. Okwamanje kusazoba nzima ukuthi kudlule futhi nasendaweni usazoba yinhlekisa kodwa kona akukho okungadluli. Ngiyazwelana kakhulu nawe ngobuhlungu obhekene nabo. Mina nginguwena ngabe angisaxhumani nalo mlisa ngoba kuyacaca ukuthi akakaze akuthanda. Phephisa sisi kodwa njengoba ngisho nje, ayikho into engadluli.