Umbuzo
MaGumede nginenkinga dadewethu, ngicela ungibonise.
Ngingowesifazane, ngiyingoduso yomuntu ngoba ngilotsholwe ngaqedwa. Ngiyamthanda umyeni wami futhi ngiyamhlonipha yize sinenkinga yokuthi yena uyahluleka ukunganelisa ocansini kodwa lokho ngikubekezelele.
Sihlala ngokuhlukana futhi yena uhlala kwesinye isifundazwe. Inkinga kamuva nje useqala ukuba nezitayela engingaziqondi.
Uyeyisa, uyangithethisa, angithuke ngisho ekhuluma nami uyangikhafa. Uma kwenzekile washaya ucingo ngangaluzwa, uyangisabisa athi uzongilimaza.
Useshintshile nje MaGumede usephenduke isilwane nosekudale ukuthi nami ngigcine sengiqomile.
Ngiyamthanda lo bhuti engimqomile naye unginika lonke uthando.
Inkinga ke manje, naye unentombi yakhe engumaqondana futhi efika njalo uma kuphele isonto. Angisazi ngenzenjani sisi sengifisa nokuhlukana nje nento ethi ndoda.
Impendulo
Ngiyazwelana nesimo obhekene naso yize ngingasazi isizathu esidala ukuthi umyeni wakho aphenduke isilwane.
Kwesinye isikhathi uma indoda isiqonyiwe iba njalo.
Ungangizwa kabi. Angisho ukuthi umyeni wakho uqonyiwe kodwa izimpawu zakhe ziyangisolisa ngoba ukuvele avuke umbhejazane nje esikhaleni kuyathusa ngoba usho nokuthi uzokulimaza.
Wonile nawe sisi wami bekungamele uqome.
Inkinga ayilungiswa ngenye inkinga bekumele ubikele umndeni wakho kuqala mhlawumbe nomama wakhe uma kwenzeka.
Buka manje uhlukunyezwa umyeni, ngala usuhlukunyezwa nawukufika kwentombi yaleli soka lakho elisha. Usubona sengathi amadoda anenkinga kanti inkinga uwena wenze isinqumo esingafanele ngesikhathi esingafanele.
Funda ukulinda sisi wami uzame ukulungisa izinkinga zakho nomyeni wakho, uma kungalungi usungaqala ke ucabange ngegxathu eliya phambili.