Ukuvuka ekuseni ufice imoto ihleli phezu kwezitini kwebiwe amathayi kuyinto eyenzekayo eNingizimu Afrika.
Isikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithe imibiko iveza ukuthi ziyanda izigameko zokwebiwa kwamathayi namarimu ezimotweni. Uthe umshayeli engangena egamanxe ephaketheni uma ethenga amathayi amasha amane.
“Uma kuhlaselwa izimoto eziningi ezipakwe kwakho kungenza izindleko zakho zibe phezulu. Kunezinto umuntu angazenza hhayi kuphela ukuvikela imali kodwa nokwenza abadayisa amathayi angamasekeni abawathola ngezenzo zobugebengu bathwale kanzima,” kusho uHerbert.
Uthe nanka amathiphu angasiza ukuvikela amathayi namarimu:
- Paka imoto yakho ngaphakathi. Uma unegaraji elisebenza njengendawo yokugcina impahla, likhuculule. Yiyona ndlela ephephile yokusindisa amathayi akho.
- Uma kunendlela, faka i-lock nut. Lokhu kungaba yinto ewaqeda amandla amasela kodwa afika ephethe wonke amathuluzi futhi engawakhipha.
- Cupha ama-alamu. Uma ungumuntu okhohlwayo ukucupha i-alamu noma oyicupha ebusuku, yenza imizamo yokuhlala njalo uyicupha kusenesikhathi.
- Yenza isiqiniseko sokuthi kuyakhanya egcekeni lakho.
- Ungazishiyi izinto ezibalulekile emotweni kodwa uma kunesidingo, zifihle.
- Zazi izimoto eziyinyama njengamaveni, amaSUV namaloli.
- Imizi enothango olufishane yenza kube lula ukuthi amasela abone ngaphakathi futhi ukungabi nezinto ezifana nocingo olushokhayo kukubeka engcupheni.
- Qaphela. Joyina amaqembu alwa nobugebengu endaweni ukuze wazi uma zanda izigameko zokwebiwa kwamathayi. Ukudliswa kwezinja ushevu, ukuzulazula kwezimoto ezisolisayo noma kwenzeka izinto ezingajwayelekile, kungaba yizinkomba zobugebengu. Amasela amathayi ayazibheka izindlu agadla kuzo ngaphambi kokungena njengoba kwenzeka kobunye ubugebengu.
- Uma ube wumgilwa bika esiteshini esiseduzee nawe. Ukubika bonke ubugebengu kuyasiza ngokukhombisa uma sekuqala ukuba wumkhuba bese kuyabhekisiswa.
Uma kukhona umbuzo onawo ngemoto noma udinga ukwelulekwa thumela i-email [email protected]