IZINSIZWA ezisencane zaseMsinga zithathe isinqumo sokungagcini ziba yizigqila zotshwala nezidakamizwa njengabanye bontanga yazo ngokusungula iqembu lemidlalo yezimoto iTeam Corruption.
Leli qembu libunjwe ngo-2020 wuNjabulo Sibiya ngokubambisana noSyethemba Sibiya, Snethemba Sibiya, Njabulo Mabaso, Khehla Ndlovu, Abelwa Nkomo noZanamhla Shangase.
UNjabulo (22) uthe omdala kubo uneminyaka engu-25.
“Mina ngiwumfana okhullele khona endaweni eMsinga. Umdlalo wezimoto ngawubona kumalume uSmanga Mabaso ngaqala ngaba nothando lwawo ngasho ukuthi eminyakeni kungakuhle nami ngibe nomcimbi wami ngoba ngiwuthanda nje,” kusho uNjabulo.
Uthe waqala ukudlala izimoto esafunda uGrade 11 ehlanganisele ukuthola iGusheshe.
“Abanye babeneminyaka eko-14 ngaleso sikhathi. Inhloso enkulu kwakuwukuthi siqale into yethu ukuze singenzi into ebhedayo njengokudla izidakamizwa. Akuwona umdlalo oshibhile kodwa uma into uyithanda wenza noma yini ukuze uyithole. Kuyimanje iGusheshe esasilisebenzisa lalimala sizama ukuhlanganisa sivuse elishe. Sisebenzisa iGusheshe elilodwa sonke kodwa wonke umuntu uyayazi indima okumele ayidlale,” kuchaza uNjabulo.
Uthe kuyimanje balungiselela ukusingatha umcimbi wabo wokuqala ngqa wokushaywa kwezidudla iTeam Corruption Spin Bash ezoba seMphelankani Spinning Arena, eMsinga, ngoMashi 29.
Kuzobe kuboshelwe uSphe, Kayla, Jabu, Magesh Jnr, King Soso, Muzi, Pnjaro, Lamese, Kano, Lentja, Magesh, Nevs nabanye. Kunezimenywa iMaksheshe Crew neNew Generation VR6.
“Sizama ukukhombisa ukuthi okwenzeka ngaphandle kuyakwazi ukwenzeka naseMsinga. Lo mcimbi ngeke ufane neDriftkhana ngoba yinto yezingane le. Noma singabhekile kuphela abantu abasha kodwa yibo esifuna ukubadonsa kakhulu ukuze bezoba nothando lokungena kulo mdlalo. Uma amandla esevuma sifuna nokuvula isikhungo sokufundisa ngomdlalo wezimoto.”
Uthe bazoqala nge-Pre Party ngoMashi 28 bese kuthi ngemuva komcimbi kube ne-after party khona eMphelankani. Kuzonandisa uSykes, Bello, DJ Zonke, DJ Snazo, Realtechsoul DJs, Village Guru nabanye. Ngakusasa kuhlelwe i-pool party eKoneni Lifestyle.
Amathikithi okuthamela azobe eqala kuR100 kuthi uma ufake isikibha seTeam Corruption kube uR80.