IMOTO: SUZUKI SWIFT
NJENGOBA sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi kube wuKhisimusi, izinkulumo zezipho okuye abantu bazicele kuSanta seziqalile.
Abanye bathatha lesi sikhathi njengesokuphana noma 'baziKhisimuze' ngento okukade beyifuna.
Imoto ngesinye sezipho abaningi abasifunayo kwazise yenza impilo ibe lula. KwaSuzuki bavele bayiletha iSwift entsha engaba yisipho esikahle kofuna imoto yokuqala noma ofuna ukwehlela ngezansi, athole ebiza kangcono.
Ngiyazi ukuthi zikhona ezinye izimoto ezincane kwaSuzuki okuyiCelerio neS-Presso kodwa ngokwami iSwift yiyo "ephelele".
Ibukeka kangcono kakhulu kunalezi zakwabo zombili futhi inkudlwana. Empeleni ngisho uyiqhathanisa nezinye izimbangi ongabala kuzo iVW Polo Vivo, Hyundai Grand i10 nezinye, ayisali ngobuhle.
Entsha uyabona ukuthi abafunanga ukuyenza yehluke kakhulu kunendala ebe yintandokazi kubathengi.
Kunalokho, abakwenzile wukuyipholisha bayishintshe lapha nalaphaya ukuze ibukeke kangcono. Okumnandi wukuthi ubusha bayo ayibufihli, ububona iqhamuka.
Inama-daytime running lights angamaLED ayenza igqame emini. Angikuveze ukuthi amalambu ayazikhanyisa uma ungena endaweni emnyama. Ngezansi kunama-fog lights awusizo kakhulu ezinkungwini zaseMthonjaneni.
Ezinhlangothi ngaphandle kwamarimu angu-15 inch nezibuko ezinelambu le-indicator eziphinde zigoqeke, izibambo zezicabha zangemuva sezibekwe obala. Phela phambilini, zazile phezulu ngasewindini.
Ngemuva ngiyakuthanda ukuthi ine-wiper nokuyinto ongayitholi kwezinye izimoto.
Ngaphakathi yakhiwe kahle, yonke into ilapho okumele ibe khona. Kune-touchscreen infotainment system e ngu-7 inch. Iveza ikhamera esiza ukubona ngemuva uma upaka. Okuhle wukuthi bayishebe nama-sensor wona akhalayo uma ususondela eduze. Kusona lesi screen kuphinde kuvele nemininingwane efana nophethroli onawo nendlela imoto edla ngayo futhi uxhume iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto.
Bayifake imbobo eyodwa yokushaja nge-USB nokuyinto engicabanga ukuthi bebengenza kangcono kuyo ngokwengeza enye ewu-Type C osungenisile.
Naphezu kokuthi incane kodwa bakwazile ukuyivula ngaphakthi njengoba ingampintshekile kakhulu. Isikhala ebhuthini singu-265 litres. Sincane kunesePolo Vivo ephethe esingu-280 litres kodwa sikhulu kuneseKia Picanto eshaya ngo-255 litres.
Uma ulalise izihlalo siba ngu-580 litres.
Emgwaqweni ihamba ngenjini entsha engu-1.2 litre three-cylinder kaphethroli enamandla angu-60kW ne-torque engu-112m. Uma ukhumbula kahle, phambilini kwakukhona eyi-four cylinder. Esinye sezizathu esenze bayifaka wukuthi bathi idla kangcono kunendala njengoba bethi iphuza 4.4 litres ngo-100km.
Esihamba ngayo bayifake u-gearbox oyi-5 speed manual kodwa uma uthanda uyakwazi ukukhetha oyi-CVT.
Kwezokuphepha iyazedlula izimbangi eziningi zayo ngokuthi ina-airbag ayisithupha. Uma ukhumbula kwaVW, yima bandisa aweVivo kwethuthukisiwe ngokwenza abe mane. Iphinde ibe ne-Electronic Stability Programme, Brake Assist, ABS nokunye.
ISwift iphethe izinto eziningi ekubeni ibiza imali engaphansi kunezimbangi eziningi nokuyenza ihehe njengemoto engaba yisipho esihle sikaKhisimuzi.
Intengo:
Suzuki Swift 1.2 GLX manual: R264,900
Ifika ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km.