Uma kubalwa izinto izimoto zakamuva ezifika nazo cishe kuzona zonke izikhangiso ayisali ngaphandle i-Apple CarPlay ne-Android Auto.
Ngokujwayelekile lezi zinto ziyahambisana – uma imoto ikwazi ukuxhuma i-Apple CarPlay, ne-Android Auto nayo iyakwazi.
Kusenabanye abangaziqondi kahle ukuthi ziyini futhi zenzani. Lokhu kokubili kusebenza namaselula okuthi ukwazi ukuwaxhuma avele kwi-screen se-infotainment ngaphambili emotweni.
Kuhlukile kune-Bluetooth ngoba yona ukwazi ukudlala umculo nokushaya ucingo kuphela.
Kwi-Apple CarPlay ne-Android Auto ama-app amaningi eselula avela kwi-screen semoto ukuze ukwazi ukuwasebenzisa khona.
Ufaka intambo yokushaja embotsheni ye-USB bese iyavela, kokunye uyakwazi ukuxhuma ngaphandle kwentambo.
I-Apple CarPlay, njengoba igama lizisho, ngeyamaselula akwa-Apple okuyi-iPhone. Iqala ukusebenza kusuka kwi-iPhone 5 kuze kuzoshaya kweyakamuva iPhone 15.
Isebenzisana nezinhlobo zezimoto ezingaphezu kuka-800 ezakhiwe kusuka ngo-2016 kuze kube yimanje. Uyakwazi kodwa ukufaka i-screen esisha emotweni endala ukuze izosebenzisa i-Apple CarPlay.
Ngale kokubamba izingcingo nokudlala umculo, kuningi okwazi ukukwenza kuyo. Ezinye zezimoto azisafiki nenkombandlela eyakhelwe kuyo, kunalokho ususebenzisa ekwiselula yakho ngenxa yokubona ukuthi abaningi bathumelana izindawo abakuzo (location) ngezinkundla ezifana ne-WhatsApp. Ama-app iWaze, Google Maps, TomTom, Maps namanye avela kwi-screen bese ufana nezazi zaseMpumalanga, ulandele okuvela khona ize iyokubeka lapho ofuna ukuya khona.
I-Apple CarPlay iyakufundela imiyalezo yakho nawe uyiphendule ngephimbo likaSiri bese iyabhala, uyafona ngokutshela uSiri ukuthi akashayele umuntu omfunayo ngale kokuthi uthinte iselula, nokunye okuningi.
Yinto efanayo nakwi-Android Auto. Yona isebenza namaselula ane-Android 8.0 operating system kuya phezulu. Akukho okumele ukufake ngoba isuke isifakiwe vese kwiselula.
Uma i-infotainment yemoto yakho ingasebenzisani nayo, uyakwazi ukufaka i-screen esithengwe eceleni sakwaJVC, Kenwood noma iPioneer ukuze sizosebenzisana nayo.
I-Android Auto ikuvezela ama-app kwi-screen semoto ukuze uzogxila ekushayeleni, bayichaza kanje kwa-Android.
Nakhona uveza izinto ezifana nenkombandlela, ukuphendula ucingo, imiyalezo nokunye.