BEKUSHUBILE emncintiswaneni wama-4x4, iNissan Spirit Of Africa obuseDoornriver, eZeerust lapho bekuncintisana khona abezindaba abasemkhakheni wezimoto.
kudliwane imilala ngemizuliswano eyisikhombisa lapho bekuvezwa khona ikhono lokushayela lwabangenele umncintiswano, ukucophelela nokukhombisa ukubekezela kweNissan Navara 4x4 Pro-4X ezindaweni ezibucayi nokuqinisekisa ukuphepha.
Umqhudelwano ububhekwe yingwazi yomshayeli wezimoto, uSarel van der Merwe ongumsunguli wawo.
Bekuqhudelana abashayeli abangu-22 abebehamba ngababili emotweni eyodwa.
Kule mizuliswano bekukalwa isikhathi njengoba kunesikhathi esibekiwe okumele uqede ngaso umjaho, uphinde uqikelele ukuthi awenzi amaphutha aholela ekutheni udlelwe amaphoyinti.
Kuyona yonke imizuliswano bekubekwe amapali alingene ukuthi kudlule iNissan Navara kuwona, uphinde uqikelele ukuthi awuwashayisi ube uphuthuma ukuqeda ngesikhathi nokugada ukuthi awuzifaki engozini.
Kukhona nalapho bekuqhudelana khona izimoto ngokugijima phakathi emhosheni kubekwe amapali nakuwona umhosha, kuphinde kube ukuqwala intaba onyuka kuyona ungaboni ngisho indawo ohamba kuyona uma imoto isibheke phezulu. Khona kunjalo bekumele ungawashayisi amapali, ugcine isikhathi uphinde wenze isiqiniseko sokuthi awuyilimazi imoto.
Obekwenza umncintiswano ushube kakhulu ukuthi kukhona abashayeli abayizethenjwa emiqhudelwaneni abayihuzule kancane nje imoto bakhishwa ngekhadi elibomvu.
Phezu kwezimo ezinzima kanjalo kodwa Isolezwe Ezezimoto likwazile ukulala isine kulo mqhudelwano.
INissan Navara 4x4 Pro-4X ebekuqhudelwana kusetshenziswa yona, ikhombise ukuba namandla futhi iyashesha.
Noma ugijima okanye uncengca emaweni ibingakwenzi ushaywe wuvalo njengoba ikwazi nokubambelela phansi ngisho emgwaqweni webhuqu njengoba inobuchwepheshe iTraction Control System (TCS). Le moto eyakhiwa kuleli ingu-2.5 litre automatic double cab. Inamandla angu-140kW namagiya ayisikhombisa.
Umncintiswano waqala ngo-2005. Kusuka ngalowo nyaka kuya ku-2009 kwakusetshenziswa iMitsubishi Colt neTriton. Ngo-2010 kwangena iVW Amarok kwathi ngo-2022 kwaba yiNissan Navara okuseyiyona esetshenziswa kuwona namanje.