UKUNQUMA ukuma kancane ophuzweni oludakayo noma ukuyeka amankwebevu unomphela akugcini ngokusiza ukunciphisa amathuba okuphathwa yizifo eziyingozi kubalwa ukonakala kwesibindi, izinso, ukuba nenkinga yesifo senhliziyo nokuphathwa wumdlavuza - kepha kusiza nangokuthi kwenza ukuthi impilo yomuntu ibe sesimeni esihle nesifanele.
Lokho kushiwo wuMnuz Murray Hewlett, isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, ecebisa abantu ngezinto okumele baziqaphele futhi bazigweme uma sebenqume ukuyeka ukuphuza utshwala, noma besahlabe ikhefu ezinkanjini zikaFaro.
Uthe ukuyeka utshwala noma ukuma kancane kuyisinqumo esinzima kakhulu ukusithatha, kepha esiba wusizo kakhulu empilweni yalowo osuke esesithathile, okuyingakho ecebisa ngokuthi labo asebenze njalo kube nezinto abaqikelela ukungazenzi.
Nazi ezinye izinto ezingamaphutha ezenziwa ngabantu uma sebeyeke utshwala:
- Wukuba yinkomo edla yodwa: Abantu abaningi abazama ukuyeka utshwala bavame ukuba nomkhuba wokufuna ukuzenzela lokho ngokwabo futhi ngabodwana bangaceli usizo kubangani, abomndeni nakubantu abaqeqeshelwe lo msebenzi. Ukwenza kanjalo kungenza ukuthi umuntu azizwe enomzwangedwa okungenza ukuthi kube nzima ukubhekana nezinguquko eziza nalesi sinqumo empilweni yomuntu.
- Ukucabanga ukuthi ukuphuza utshwala kusiza ngokuthi ukwazi ukulala: Utshwala buyakhathaza futhi buthikameza nokulala komuntu ngakho ukunquma ukubuyeka kungakusiza ukuze ukwazi ukulala ngokwanele futhi ube nempilo.
- Ukungatholi into entsha ozogxila kuyona: Ukuyeka ukuphuza utshwala bese ungatholi okunye okusha ozoba matasa ngakho ngezikhathi obuvame ukuzisebenzisa ukuhlaba amankwebebu kungenza ubuyelwe wumuzwa nomcabango wokubuyela otshwaleni.
- Ukucabanga ukuthi isibindi sakho sizolunga ngokushesha: Ukuyeka utshwala kumqoka kakhulu ukusimamisa isibindi sakho, kepha ukulunga kwaso kuthatha isikhathi ngakho kumele ubekezele, ubeke umoya phansi - ungajahi ukuthi silunge ngokushesha.
- Ukunaka umzimba wakho kuphela: Nakuba indlela obukeka ngayo imqoka, kepha ukushaya indiva isimo sakho somqondo kungenza kube nzima ukuya phambili yingakho kubalulekile futhi kusiza ukubonana nabelaphi bezengqondo ukukusiza ngokumele ukwazi futhi ukwenze ukuze uhambo lwakho lungabi lukhuni.
- Ukulindela imiphumela ngokushesha: Abantu abaningi abayeka utshwala benza iphutha lokucabanga ukuthi ukubuhlehlela kuzoza nemiphumela ngokushesha, kanti akunjalo - ukululama kuthatha isikhathi eside futhi kudinga ukubekezela.
- Ukuziba amanzi nokudla okunempilo: Utshwala buqeda amanzi emzimbeni futhi bucekela phansi nesimo umzimba wakho okumele ube kusona, ngakho ukuthi noma usubuyekile ungaqinisi ekuphuzeni amanzi ngokwanele nasekudleni okunempilo - kungenza ukuthi kube nzima ukululama.
"Ukuyeka utshwala noma ume kancane kukho kungasiza kakhulu impilo yakho ukuthi ibuyele esimeni esifanele futhi kungagcina ubudlelwano onabo nabanye abantu buqinile futhi bubuhle. Nokho akuhlale kulula, kodwa ukuthatha izinyathelo ezifanele kancane kancane, bese ugwema lama phutha kungenza kube kuhle kakhulu," kusho uHewlett.