UKUSEBENZA kwemali ngokweqile ngamaholidi okuphela konyaka kuvame ukwenza abantu banqume ukuma kancane otshwaleni ngoJanuwari ngoba bengesenayo imali yokuzijabulisa.
Nokho ongoti bezempilo bathi ukuhosha izinyawo otshwaleni uma kuqala unyaka ngoJanuwari kungaba yisinyathelo esihle kakhulu, nesingaba wusizo ukuqoqa nokulungisa impilo yomuntu.
Isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Enterprises, uMnuz Murray Hewlett, sidalule ukuthi ucwaningo lwe-Online Rehab, luveza ukuthi bangaphezu kwa-30% emhlabeni abantu abanenkinga yokuphuza utshwala ngokweqile.
“Utshwala buyinkinga ebantwini abawu-17.5 million bakuleli zwe, okubeka iNingizimu Afrika ohlwini lwamazwe ahamba phambili ngenkinga yokuphuza ngokweqile. Yingakho ukuma otshwaleni ngoJanuwari kungenye yezigaba zokuqala ezingaba wusizo ukuxazulula le nkinga emphakathini,” kusho uHewlett.
Nazi ezinye zezinto ezinhle ngokuthatha ikhefu otshwaleni:
– Ukwazi ukulala kahle: Utshwala buthikameza indlela umuntu ajwayele ukulala ngayo ngenxa yokuthi benza kube lukhuni satshe ukulala nokuphumula. Ukuyeka utshwala kungakusiza ukwazi ukunqoba lokho, uthole isikhathi sokuphumula kahle.
– Uba nesibindi esinempilo: Utshwala bulimaza isibindi, okuba nzima uma sesonakele kakhulu. Ukuthatha ikhefu otshwaleni kungasiza ukunika isibindi sakho ithuba lokubuyelwa ngamandla futhi sibe ngcono kakhulu kunesisuke sesiyikhona.
– Kusimama amasosha omzimba: Utshwala buthikameza amasosha omzimba, kuwenze angabi namandla, lokho okungenza ukuthi kube lula ukugula. Inyanga eyodwa nje ungaphuzanga utshwala, kungenza umehluko omkhulu egazini.
– Kubuya umqondo: Uma utshwala usubuphuze ngokweqile kuvame ukugcina kulimaza umqondo, kwenze ukhohlwe yizinto ukuthi zenzeke nini, futhi kanjani. Ukuma kubo isikhashana noma ubuyeke kungakusiza ukugwema lowo mgibe wenkinga.
– Ubuyelwa ngamandla: Utshwala buqedana amandla, kwenze uhlale ukhathele. Ukuthatha ikhefu kungasiza ubuyelwe ngamandla futhi uhlale unomdlandla.
Umbuzo omkhulu wukuthi uma kanjani esinqumweni sakho?
– Enye yezinto engakusiza wukuthenga isiphuzo osithandayo esingenabo utshwala, kungaba amanzi ahloliwe, afakwe ulamula.
– Yazisa abangani bakho ukuthi uthathe ikhefu lenyanga lokuthi ungabuphuzi utshwala, wenzele ukuthi bakweseke futhi bangakufakeli ingcindezi.
– Thola umngani osethathe isinqumo esifana nesakho ukuze nizokwesekana, nikhuthazane esinqumweni senu.