INKINGA yokuqothukelwa yizinwele yisimo esihlasela nesihlupha ngokungachemi nabulili; sigadla kwabesilisa nabesifazane, okuvame ukuba yinkinga ngokuthi kuthikameza izinga lokuzethemba futhi kwenze bengakhululeki labo abasuke sesibahaqile.
Udokotela wesikhumba onamava kulo msebenzi uDkt Cebi Sibisi uthe ucwaningo lwabezempilo luveze ukuthi babalelwa ku-85% abantu besilisa, bese beba wu-33% abesifazane ababa nale nkinga, okwenza isibalo sabesilisa sibe wu-35 million nabawu-21 million besifazane abahaqwe yile nkinga emhlabeni jikelele.
“Nakuba lokhu kuyinto ejwayelekile, kodwa ukuqothukelwa yizinwele ngokweqile kungaba wuphawu lwenkinga ekunyonyobelayo, yingakho kumqoka ukuqonda izinhlobo zezimo zokuqothuka kwezinwele, ukuthi zidalwa yini nokuthi zingelashwa kanjani. Yisimo lesi esivame ukuba yinkinga nesigqilazayo kwesisuke simphethe, kodwa isikhathi esiningi siyelapheka ikakhulu uma sisheshe sabonakala, kanti futhi ukusishaya indiva kungenza ukuthi uma sesikuhaqile singabe siselapheka, yingakho kumqoka ukuthi ufune usizo lwabezempilo kusenesikhathi ukuze kungaze konakale izinto eziningi,” kusho uDkt Sibisi.
Lesi simo sokuqothuka kwezinwele phezelezi i-alopecia sihlukene kaningi. Nazi ezinye zezinhlobo zazo ezijwayelekile:
- Androgenetic Alopecia (Pattern Baldness): Yisimo lapho uqothukelwa yizinwele kancane ngendlela ejwayelekile. Kwabesilisa lokhu kwenza babe nezinwele ezingalingani, futhi kwenze babe namabala ekhanda lapho okusuke sekuqothuke khona, kuthi kwabesifazane kubona ziyaqothuka nje ekhanda lonke.
- Alopecia Areata: Yisimo lapho amasosha omzimba wakho ehlasela izinhlayiya zekhanda lakho kungafanele bese kudala ukuthi kuqothuke izinwele ezingxenyeni ezithile zekhanda.
- Telogen Effluvium: Yisimo esidalwa wukucindezeleka emqondweni, kokunye kwenziwe wukugula noma ukushintsha kwama-hormone kwabesifazane abasuke besanda kubeletha, bese kugcina kwenza uqothukelwe yizinwele.
- Traction Alopecia: Lokhu kudalwa yimiluko ehlukene okubalwa ama-braid, imiyeko nama-ponytail okudonsa izinwele kakhulu zize zigcine ziqothuka.
- Scarring Alopecia: Lana yilapho izinwele zomuntu ziqothuka ngokweqile okulimaza nezinhlayiya zezinwele, kwenze zingabe zisakhula nhlobo.
Idalwa yini le nkinga yokuqothuka kwezinwele?
- Genetic: Lana yilapho umuntu eqothukelwa yizinwele okudalwa wufuzo olusukela kwabakubo aseke baba nenkinga noma isimo esinjalo phambilini.
- Hormonal Changes: YIlapho uba nale nkinga okudalwa wukukhulelwa, yi-menopause nokukhuluphala ngokweqile.
- Medical Conditions & Treatments: Lana yilapho lesi simo senzeka ngenxa yezifo okukhona kuzona i-anemia, thyroid disorder nemikhiqizo ye-chemotherapy.
- Nutritional Deficiencies: Lana yilapho oba khona nale nkinga ngenxa yokungakuthi usuke ungadli ukudla okunempilo okwanele ngendlela efanele okudala ukuthi izinwele zakho zibe buthakathaka okwenza kube lula ukuthi ziqothuke.
- Hair Styling Practices: Yilapho uhaqwa yilesi simo ngenxa yokuthi usebenzisa kakhulu imikhiqizo eyahlukene yokucwala izinwele, wukuluka izitayela zokuluka ezenza ukuthi kudonseke izinwele zakho kakhulu.
- Stress and Lifestyle Factors: Yilapho ubhekana nezimo ezikhathaza umoya wakho nezikudalela ukhwantalala noma ukugqilazeka emqondweni okwenza uhlale ungakhululekile, okwenza ukuthi kwesinye isikhathi kuze kuqothuke izinwele imbala.
UDkt Sibisi uthe nakuba lokhu kuyinkinga kakhulu kulowo okusuke sekumhaqile kepha ukusukumela le nkinga kusanesikhathi kungasiza ukuthi kusheshe kubonakale inkinga ingakadlobi kakhulu bese ukwazi ukuthi ugweme umonakalo noma uyelaphe kusenesikhathi.
“Ukuqonda kabanzi ngale nkinga nokuthatha izinyathelo ezifanele kusenesikhathi kungenza umehluko omkhulu, kanti lisekhona ithemba lokuthi le nkinga ingalungiseka, abantu babe nezinwele ezisesimeni esifanele futhi babuyelwe wukuzethemba,” usho kanje.