OWAZALWA engumuntu wesilisa, uNomalizwi "MC" Mhlongo, kodwa wazishintsha waba ngowesifazane, uthi akukho nkomo yowesifazane engamelana neyakhe ocansini nowesilisa.
UNomalizwi (31) wasesigcemeni sakwaF, eMlaza, ofundisa e-Old Mill High eMpangeni, uthi wazalwa enguMlungisi ngaphambi kokuguqula ubulili bakhe emuva kokunukubezwa mihla namalanga yisihlobo sakhe eseneminyaka eyisishiyagalombili.
"Ayikho (inanazi) eyofika kule yokuzenzela, ulozolo."
Ebuzwa ukuthi wazi ngani ukuthi unolozolo lwenanazi, uNomalizwi uthe watshelwa yindoda yakhe.
"Umlingani wami ngiyazi ukuthi kungenzeka ukuthi wayeseke wayizwa eyomuntu wesifazane ngokudalwa. Eyami ngeyokuzenzela, okusho ukuthi kunomehluko."
Uthe emuva kokuzitika ngocansi ngosuku lokuqala nesithandwa sakhe, wasibuza ukuthi sizwe kunjani? Uthe asiwuvalanga umlomo ngobumnandi esibuzwile.
Ebuzwa uNomalizwi ukuthi kwabanjani ngosuku lokuqala ayangalo ocansini, uthe kwafana nokwenzeka kuwo wonke umuntu wesifazane.
"Kodwa mina bekumele ngilinde ukuze ngiphole ekuhlinzweni."
Exinwa ngemibuzo ngempilo yakhe yangasese, uNomalizwi uthe ucela ukungagxili kuyo ngoba eyangasese. Le ntokazi seyidume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana kangangoba ize yaqokwa emunxeni weBest Traditional Social Media Influencer kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards aseMbombela Stadium, eMpumalanga, ngo-Okthoba 1.
UNomalizwi ukubonge kakhulu ukuqokwa kulo mqhudelwano ngoba kusho ukuthi igama lakhe selisematheni ezinkundleni zokuxhumana.
"Kusho ukuthi sewuyabonakala nomsebenzi engiwenzayo wokubuyisa ukuzwana kubantu, kungakhathaleki ukuthi bangobani, baphumaphi futhi bawuluphi uhlaka nokuthi baphila mpiloni."
UNomalizwi uthe ukuqokwa kukodwa kumenza afane nomuntu osenqobile.
"Okokuwina sekuyoba ibhansela uma kwenzeka, kodwa abantu bazongazi futhi nginesiqiniseko bazothanda ukusebenza nami. Kubalandeli bami engibabiza ngomndeni kwiFacebook, ngiyabonga ukungiphakamisa ningangazi nokungamukela ezimpilweni zenu," kusho uNomalizwi oqhathwe nomlingisi weDurban Gen, uNelisiwe Sibiya, imbongi uBrighton Shandu, Yenkosinabadala Makhoba, Zamambo Mkhize, Audrey Sikhosana, Bafana Mkhize, Thato Angel, Thando Mahlangu, Faith Mgobhozi noTinyiko Khoza.
Uthe uhlale ephunga izesheli ezimfuna njengomphefumulo nezimthanda njengemali. UNomalizwi, obuye aphathe izinhlelo zemicimbi, ubeqokwe kumaSebenza Woman Awards emunxeni ofanayo.
*Ukuvotela uNomalizwi naqhathwe nabo, ungena kulewebsite: www.satmaawards.co.za