UKUZIGCINGCA ngezicoficofi ngokweqile ngesikhathi samaholidi kungaba nomthelela ongemuhle kwabanesifo sikashukela.
Ongoti bezempilo bathi kubalulekile ukuthi abantu baqaphele uma bedla oncamce, nokunye ukudla okunoshukela uma benesifo sikashukela ngisho kuyisikhathi samaholidi. Bathi ukugudluka kancane endleleni ojwayele ukuphila ngayo kungakudalela inkinga.
Baqhuba bathi ngesikhathi samaholide abantu abajwayele ukuphuza iziphuzo ezinoshukela uma beqeda ukudla, bengenze ngoncamce ngoba bezijabulisa.
Ungoti wezokudla uNkk Michelle Govender, wesikhungo esisiza abantu akuthi balandele uhlelo lokudla ngendlela enempilo i-Eetwell, uthe abanye abantu basuke bengaqondile ukuchezuka endleleni abajwayele ukuyiphila. Wathi kwenzeka ngesikhathi bethi bajabulisa izivakashi ngoba akubukeki ukuthi unikeze izivakashi ukudla wena ungakudli kanti sebeyamosha.
"Kubalulekile ukuthi siqaphele ngalesi sikhathi ngoba ukudla okunoshukela uma sekugayekile kuphenduka ushukela, okusuke kufanele omunye wawo ukhishwe wumzimba kodwa uma i-insulin ingasasebenzi kahle kuba yinkinga,“ kuchaza uNkk Govender.
Ubesho lokhu namhlanje njengoba kuwusuku olusetshenziselwa ukuqwashisa nokufundisa ngobungozi besifo sikashukela emhlabeni, iWorld Diabetes Day.
UNkk Govender uqhube wathi akhona amasu angasiza iziguli ezinalesi sifo njengokuthi ziqede ukudla zihambahambe noma kungaba yisendlini imizuzu eyishumi. Uthe lokhu kuyasiza ekutheni kugayeke ukudla.
Ukudla imifino nezaqatha ngaphambi kokuthi udle ukudla ohlele ukukudla, uthe kungaholela ekwehliseni ukukhiqizeka kwe-insulin emzimbeni wakho. Insulin yi-hormone ebhekele ukulawula ushukela egazini.
“Ukuxuba amaprotheni nokudla okunothe nge-carbohydrate kunganciphisa ukumuncwa kwama-carb futhi kuvimbele ukukhuphuka kwezinga likashukela egazini,” kuchaza ungoti wezokudla.
Isifo sikashukela singesesibili esibulala abantu abaningi eNingizimu Afrika. Bangu-12% abantu abadala abanalesi sifo kuleli.
Ucwaningo lweSA Demographic Health Survey yango-2016, luveza ukuthi ukuthi u-67% wabesilisa nabesifazane baqale babe nezinkomba zokuthi bazongenwa yisifo sikashukela kepha kungaziwa ngenxa yokuthi abazihloleli lesi sifo baya ezikhungweni zezempilo ngoba sebegula.
Ngokocwaningo isifo sikashukela esingalashwanga noma esingalawulwa ngendlela efanele, singaholela ekutheni umuntu anqunywe izitho zomzimba, ukwehluleka kokusebenza kwezinso ngendlela efanele nokungaboni emehlweni.
Luqhuba luthi iningi labantu abangayilandeli indlela yohlelo lokulawula ushukela egazini labo baba nomfutho wegazi ophakeme futhi bagcine sebeshawa yisifo sohlangothi ngenxa yokopha ebuchosheni.
“Ukukhuluphala kuhlobene nesifo sikashukela kanti siyakhula isibalo sabantu abakhuluphele ngokweqile kuleli, bangu-11% abesilisa abakhuluphele ngokweqile, bangu 41% abesifazane abasesimeni esifanayo. Kulindeleke ukuthi ngo-2030 senyukele ku-50% isibalo sabesifazane abakhuluphele ngokweqile,” ngokombiko wocwaningo.
Luqhuba luthi imbangela enkulu yokukhuluphala ngokweqile, nesifo sikashukela ukudla ngokweqile ushukela.
Ngokusho kocwaningo ushukela owuketshezi waziwa njengoyingozi kakhulu futhi awunalo izinga lokudla okunempilo. Yingakho abezempilo kuleli bencoma ukuthi kube nentela engu-20% ezokhokhwa ngabakhiqizi beziphuzo ezinoshukela okubalwa namajusi ango-100%.