UKHETHO lokuqala olukhululekile lwango-1994, wonke amehlo omhlaba ayebheke eNingizimu Afrika. Baningi ababelindele ukuthi kuchitheke igazi kubheduke udlame nezinxushunxushu kodwa baphoxeka.
Lwahamba kahle ukhetho, izwe lathola umengameli wokuqala wentando yabantu. Zazihlukile izinselelo ngaleso sikhathi. Wonke umuntu wayefuna into eyodwa, eyokuthi izwe likhululeke libuyele kubanikazi balo.
Sekuphele iminyaka ewu-30 izwe lavotela umbuso wentando yabantu. Umbuzo enginawo uthi kazi kulo nyaka umuntu ngamunye, ozoma kulayini ngabe uzoba azi yini ukuthi uzovotelani? Kubalulekile ukwazi ukuthi uvotelani ukuze ukhethe ngokufanele. Baningi osomathuba abangakaze benze lutho selokhu kwathi nhlo! Banqena ukuyofesa kepha bafuna ukuyocasha ePhalamende.
Ngike ngabuka umncintiswano ongaqoshwe ndawo wamaqembu ezepolitiki ethula imiqulu yawo yezethembiso. Izinkundla zemidlalo zigcwale zachichima. Kodwa uma ungabuza abantu abebethamela imicimbi yamaqembu ukuthi bekuthiwani, bambalwa abangakhumbula. Kodwa bonke bangasho bangananazi ukuthi uGatsheni, Babes Wodumo, Khuzani noMthandeni babedlala kuphi. Bonke futhi bazosikhumbula isigameko sombhobho esenzeka kweminye imicimbi.
IKhomishini yezoKhetho ithi senyukile isibalo sabantu abasha ababhalisele ukuvota ngoba siwu-42%, wabavoti abayizigidi ezingu-27.79. Bathi yisibalo esiphezulu kunazo zonke kusukela ngo-1999. Kulezo zigidi u-55% noma izigidi eziwu-15 ngabantu besifazane. Ikhomishini ikhiphe uhlu lwamagama abazomela amaqembu okhethweni.
Ngaphandle kwalaba abangamahhashi omjaho, kazi abavoti bake bazinika yini isikhathi sokucubungula igama negama? Lokho kungabasiza ekutheni bazi ukuthi bamelwe ngobani nokuthi labo bantu yini abavelele ngayo emphakathini ngaphandle kokuba ngamalungu eqembu lepolitiki.
Uyazi uma ubuka imincintiswano yonobuhle kuningi esingakufunda njengoba siya okhethweni. Okokuqala baningi abawinayo emazweni abo bahlonishwe ngemiklomelo emangalisayo kodwa bafike kowamanqamu bakhale ngaphansi emzuliswaneni wokuqala. Kukhona umzuliswano engiwuthanda kakhulu, wemibuzo. Kuvamisile ukuthi kubuzwe abesihlanu bokugcina, okuyithuba lokuthi baziveze emajajini nasezihlweleni ezibukele. Ngeke ngimkhohlwe uZozibini Tunzi, ephendula enxenxa amantombazane ukuthi awaqinisekise ukuthi lapho engena khona ashiya umsizilo.
NgoMeyi 29 kuthiwa asiyovotela abantu esingabazi abanye esingakaze sizwe namaphimbo abo. Ngiyavuma amaqembu abo asuke ebakhethe ngokubethemba kodwa thina esivotayo sibathemba kanjani? Bona uqobo lwabo, benzani uma sebekhethiwe bangena ePhalamende. Bawenzelani umphakathi obakhethile? Abavoti behluke ngani nabantu abathenga ingulube isesakeni?
Lapho engiya khona yilapha, indodakazi yami endala izovota okokuqala nonyaka. Njengomzali ngibone kuwumsebenzi wami ukuthi ngiyibonise ukuthi ikhethe ukuthi izovota kanjani. Sifike lapho ngoba isingitshelile ukuthi ayilwazi ubandlululo yaze yaqala ukufunda eFree State. Ngiyakhumbula singena endaweni yokudlela ekuseni uweta wasikhomba ematafuleni asemuva ngasekhishini. Kungekho muntu, kuyithina abokuqala ukungena. Sathi uma sibuza ukuthi kungani, satshelwa ukuthi amanye amatafula anabanikazi!
Indodakazi yami ithe izovotela iqembu elinohla olukhombisa ngokusobala ukuthi liyaziqonda izinto ezilandelayo:
Ukuthi baningi abantu abasha nabesifazane ezweni.
Ukuthi abantu abasha nabesifazane akuzona izinto zokwandisa izibalo ngezikhathi ezithize.
Ukuthi abantu abasha nabesifazane bafanele ukuphatha izikhundla kunoma yimuphi umkhakha uma benawo amakhono adingekayo ukwenza lowo msebenzi.
Ukuthi lizimisele ngokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngokweqiniso noma ngabe ubani umhlukumezi ophethe siphi isikhundla.
Ukuthi lizimisele ukulwa nenkohlakalo ebuyisela izwe lethu emuva.
Ukuthi siyalingana sonke kungabi bikho abalingana ukwedlula abanye ngoba bezalwa noma besondelene nabathize.
Ukuthi yena nontanga bakhe abakweleti muntu bazovota ngonembeza babo abazolawulwa ukuthi kwenzekani njengamanje.
Ukhetho lwanonyaka lubaluleke kakhulu futhi lufuna umuntu abe sezingqondweni ngoba ukuvota ngenhliziyo ngeke kusiyise ndawo. Lisekhona ithuba lokuthi abavoti babheke izethembiso zamaqembu ngokwehlukana kwawo nabantu abajutshwe ukuthi bawamele.
Kubalulekile ukuthi abavoti babhekisise futhi bebeka izwe phambili ngoba uhulumeni wentando yabantu akuwona umjaho wamahhashi amabili noma amathathu. Akusiwona umncintiswano wogazi noma ubuciko. Umbuso wentando yabantu uyisakhiwo esibalulekile sokubhekelela nokuthuthukisa impilo yabantu nenhlalakahle yezwe.