SIPHOSA imibuzo embalwa kumlobi osathuka isisinga, uNoluthando Shezi, okhiphe incwadi yokuqala esihloko sithi, I was weak and he proved it.
Uqale nini ukuyihlelela nokuyibhala incwadi futhi uyishicilele nini ?
Sesiside sona isikhathi ngiyibhala incwadi. Ngaqala ngo-2019, uma ngingaphosisi. Ngaqala ngokuvula ikhasi enkundleni yezokuxhumana iFacebook, ngifuna ukubona ukuthi abantu bazoyithanda yini. Ngempela lakhula mihla namalanga ikhasi, kuze kube yinamhlanje lisakhula. Ngabona ukuthi abantu bayayithakasela, ngase ngithatha isinqumo sokuthi ngikhiphe incwadi. Kulo nyaka ngomhla ka-8 ku-Okthoba yabe isiphuma incwadi. Ishicilelwe yiPeniel Publication Company.
Ngabe yini injongo yakho ngokubhala incwadi?
Ngibhale incwadi ngenhloso yokuthi ngithokozise abalandeli bami, ukuze bachithe isizungu. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi ngezwa abanye bethi bafunda lukhulu ekufundeni incwadi yami, ikakhulu abesifazane. Abaningi bathi ibenza bakhaliphe futhi ibachushise kokuningi. Ngezwa ngithokoza kakhulu uma ngizwa lawo magama ebantwini abahlukene futhi abadala.
Isihloko sencwadi, sibaluleke kanganani futhi sichaza ukuthini kuwena?
Isihloko sencwadi sisho lukhulu kimina ngoba singikhumbuza isimo engike ngabhekana naso. Ngiyaziqhenya ngokudlula kuleso simo ngoba ngakhula kakhulu ngokomqondo, futhi ngafundiseka ukuthi ngikwazi ukuzimela nokuthi ngingathembeli kumuntu.
Ngabe kukhona osebenzisane naye ukuhlela nokuqondisa ukusetshenziswa kolimi?
Akekho engasebenzisana naye ekuhleleni incwadi nasekuqondiseni ulimi. Konke lokho ngazibambela mina mathupha.
Yiziphi izinselelo ohlangabezane nazo ngesikhathi ubhala noma ushicilela incwadi?
Kuningi engihlangabezene nakho, angifuni ukungasho. Ukukhipha incwadi kudinga isineke, ukubekezela nesibindi. Okokuqala, engahlangabezana nakho wukuthi kwacasuka abalandeli bami ngoba babefisa sengathi ngingaqhubeka nokubhala enkundleni zokuxhumana. Yize ngangizwelana nabo kodwa ngase ngifisa ukukhula nami ekubhaleni. Kuze kube yinamhlanje ngiyazi ukuthi kukhona abasangicasukele. Ngaphinde ngabhekana nezinkinga zezimali kepha ngenxa yoxhaso engaluthola kubazali bami nogogo wami, ngaphumelela. Okunye wukuthi incwadi engangiyibhalile yayinde kakhulu, idinga kusetshenziswe amakhasi amaningi kakhulu. Ngaphoqeleka ukuthi ngizame ukuyifingqa kodwa ngigade ukuthi angiphumi esihlokweni nokuthi indikimba ayilahleki. Lokho cishe, kungithathe izinyanga ezintathu ukukwenza, bekungelula neze.