INCWADI: Sizzlers: the hate crime that tore Sea Point apart
UMBHALI:Nicole Engelbrecht
ABASHICILELI:Melinda Ferguson Books
KWASHAQEKA iningi ngesikhathi kubulawa abesilisa abamhlophe abangu-10 endaweni yokuzithokozisa abesilisa. NgoJanuwari 2003, Amadoda aboshwa izandla ngezintambo, anqunywa oqhoqho, adutshulwa emakhanda ngesikhathi esebenza endaweni yabesilisa abadayisa ngomzimba iSizzlers, eCape Town. Kwaboshwa ababulali ababili.
Encwadini ethi Sizzlers: the hate crime that tore Sea Point apart, umbhali uNicole Engelbrecht, ulandisa ngokusuka nokuhlala kwesigameko esinyantisayo. Kusobala ukuthi uNicole wayeyintatheli ngoba ukwazile ukusebenzisa, imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ngasinye sabalisa okwenziwa ngodokotela nemininingwane yamaphoyisa.
Ixwayisa ngenzondo nokucwasa okuqondiswe ebantwini abathandana nabobulili obufanayo. Bashaya phansi ngonyawo abanye ngesikhathi u-Adam Woest, omunye wababulali ecela ushwele ngo-2018.