WETHULWE eHluhluwe umkhankaso waKwaZulu-Natal wokwamukela amaholidi asebusika.
Aqale kahle amaholidi asebusika njengoba nemicimbi ithe chithi-saka kulesi sifundazwe esithathwa njengesifudumalayo ngesikhathi izwe lonke liqhuqhwa amakhaza.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal uthe kulendeleke ukuba kungene imali elinganiselwa kuR1,4 billion ngezivakashi ezizofika zisuka ezifundazweni nakwamanye amazwe, zizozithokozisa ngalesi sikhathi.
UFikiswa Pupuma oyibamba lenhloko eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, wethule inkulumo yosuku emele uNgqongqoshe Siboniso Duma, wathi kuningi okuzojabulisa izivakashi ezihlela ukuchitha amaholidi kwelikaMthaniya.
UPupuma wethule inkulumo yakhe eHilltop Camp eseHluhluwe-iMfolozi Game Reserve, nokuyindawo ethandwa ngabantu abaningi ngenxa yobuhle bayo kanjalo nokuba nazo zonke izilwane zasendle.
“Ngokwamahhotela namaB&B akulesi sifundazwe singalindela izivakashi zalapha ekhaya ezingu-430 821 nezivakashi ezingu-48 842 eziqhamuka kwamanye amazwe ngo-Juni nangoJulayi. nokwenza kubhekwe ukuthi zizochitha imali engango-R1,4 billion esifundazweni.
Ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wamaholidi, kuvakashelwe izindawo ezahlukene ezingahanjelwa yizivakashi ngamaholidi. Isiqiwi iHluhluwe Imfolozi Game Reserve, singesidala kunazo zonke e-Afrika futhi sikhulu ngokungamahektha angu-96 000.
Ungavakashela le ndawo uhamba nesithandwa sakho noma abangani bakho, nithathe uhambo losuku lonke, nibona izilwane zasendle nihamba ngamaveni akhona amakhulu navulekile nokusiza ukuthi nizibonele eduze izilwane ezahlukene njengamabhubesi, izindlovu nezinye.
Ningajoyina ezinye izivakashi nibuke ubuhle namagugu ase-St Lucia ngesikebhe esishayelwa wumsizi ofundisa izivakashi ngomlando wale ndawo nezilwane ezitholakala khona njengezimvubu nezingwenya.
Ngezindaba eziphathelene nezokuvakasha nale mboni, xhumana [email protected]