UKUFIKA kwamakhaza kusuke kusho ukuzivalela endlini ebantwini abaningi ngoba kusuke kubanda. Abathanda ukuvakasha, abakuthokozeli kakhulu ukujubalala ngalesi sikhathi sonyaka. Kepha, ungoti kwezokuvakasha uthi akumele kube njalo.
Amakhaza akumele asho ukuzivalela endlini. Imindeni yaKwaZulu-Natal, ingakwazi ukushawa wumoya ngalesi sikhathi, izijabulise njengakuzo zonke izikhathi zonyaka.
UNksz Ntobeko Ngcongo, ungoti kwezokuvakasha uthi okwenza abantu bathande ukuvakasha ehlobo yingoba kunezindawo nezinto ezibathokozisayo kepha kuningi abangakwenza nasebusika ukuze bajabule.
Ubala izintaba zoKhahlamba njengendawo eseqhulwini abantu baKwaZulu-Natal, abangayithokozela ngalesi sikhathi samakhaza.
‘’Kuningi ongakwenza ngalesi sikhathi ezintabeni zoKhahlamba. Ukuba khona kwezintaba ezibumbeke kahle nokuthokozelelekayo ukuzibuka, ngezinye zezinto ezingenza ukuthi uma uvuka la olele khona, uthi uma uqalaza ubone isimangaliso osilethelwa yimvelo,“ usho kanje ungoti.
Ukubanda ngokwedlulele kwenza ukuthi kulale iqhwa ezintabeni ngalesi sikhathi. Lokhu kwenziwa nawukuthi izintaba zoKhahlamba zibude buduze nezwe iLesotho, eyaziwa ngamakhaza ashubisa umnkantsha ebusika.
Nakhu okunye ongakwenza ezintabeni zoKhahlamba kulesi sikhathi:
*Ukuqwala intaba
– Kulabo abathanda ukuqwala izintaba, yisikhathi sihle sokuthi bangavakashela ezintabeni. Okunye okuhle wukuthi uma uhamba ngale ndlela, awudingi nokuthi uze utshathe isikhwama esisindayo ngoba awudingi nenqwaba yezimpahla ukuze ufudumale.
Izindawo ezikhona kubalwa iRainbow Gorge esuka eDidima Camp ngaseBergville. Ungahamba indawo engamakhilomitha angaphezu kancane kuka-5km.
Lower Injisuthi Cave: ungahamba amakhilomitha awu-12 km.
Uma usunqumile ukuthi uzovakashela ezintabeni, nasephaketheni ngeke ubhoboke kakhulu ngoba kunenqwaba yezindawo zokulala, kuye ngokuthi uthanda indawo enjani.
Isibonelo nje, kunezindawo eznjengeHighlands Mountain Retreat, engakubiza uR1 600 ubusuku nibabili. Kube yiGolden Gate National Park, lapho ungakhokha uR 1250 nibabili kanjalo neCathedral Park, ungakhokha uR1 700 nibabili ubusuku obubodwa.
Ngaphandle kwalezi zindawo kukhona namakotishi akhona uma uke wangena nje emabhodini abhalwe ukuthi, Drakensberg. Kuwona ungakhokha uR550 ubusuku bubunye kodwa uma ufuna lapho uzothola khona isidlo sasekuseni nasakusihlwa, ungalindela ukukhona uR900 kuya phezulu.
Iqhwa
Ngaphandle kokuqwala intaba, kunezindawo eningathokozela ukubona iqhwa nothokozele nemidlala eyenziwa ngalo iqhwa ngalesi sikhathi.
IGiants Castle ichazwa wungoti wezokuvakasha njengendawo okumele ubheke kuyona uma ufuna ukujabulela iqhwa. Le ndawo uyichaza njengesenkabeni yezintaba zoKhahlamba. Uthi isithwathwa sisuke sithe shaye ezintabeni uma uvuka ekuseni kule ndawo.
Nakulabo abathanda ukukhempa kusebusika ungoti uthi ningakwenza lokhu niwumndeni. Ubala iHighmoor njengendawo esesicongweni, okusho ukuthi ukwazi ukubona kahle izintaba zoKhahlamba ukusuka nokuhlala. neSani Pass uyayibala kodwa uthi kumele ube nemoto eyi-4x4 kwazise indawo ithanda ukuba mazombe zombe.
Ngaphandle kwalokhu okungenhla, uma ungakwazi ukuqhubeka uhambe amakhilomitha, usungawelela naseLesotho okungamakhilomitha abalelwa ku1 000 ukufika khona usuka esintabeni zoKhahlamba. Khona ukhangwa yi-Afriski Mountain Resort, evulwa kuphela uma sekuqala amakhaza. Khona ke zisuke zimbiwe yiNsele, konke okudingayo ngemidlalo ehambisana nesithwathwa ufika zigawulwe zabekwa