ISIZINI yobumnandi obungapheli, lesi yisiqubulo salo nyaka somkhankaso wamaholidi ePhasika nasebusika kuMasipala weTheku. Lokhu kuzwakale ngoMsombuluko ngesikhathi umasipala wethula umkhankaso wamaholidi ngezinhlelo ezahlukene eziqhakambisa ubuhle beTheku nezindawo ezikhethekile abantu abangazivakashela uma befika eThekwini. Umcimbi ubuhanjelwe osaziwayo abafana noNonku Williams weThe Real Housewives of Durban, umlingisi obuye abe ngumculi uThandeka Zulu kukhona noDJ abebenandisa okunguMondli Ngcobo, DJ Merlon kanye noDJ Bongs.
Kulolu hlelo, kuqhakanjiswe kakhulu izindawo eziseNtshonalanga yedolobha ezingaphansi kweValley of the 1000 Hills, njengoba uhambo luqale ePhezulu Safari Park okuyindawo enhle kakhulu kubantu abathanda izilwane, imvelo, amasiko nezobuciko. Ngale kokuba nezindlu zokulala ezilungele imindeni emikhulu, nezithandani. Kukhona nendawo efanele abantu abangazisabi izilwane nepaki lezinyoka ezahlukene futhi uyalithola nethuba lokuzithinta uma ungenankinga, kukhona nendawo yezingwenya ozibuka kahle eduze zihleli edamini lazo.
Uma ufika, wamukelwa yizinsizwa nezintokazi ezivunule kahle ngemvunulo yesiZulu, zishaya izigubhu kushaywa ingoma kuqhuma umkikizo, noma ngabe uyibhimbi ngeke ungayivumi ingoma sezishaya kamnandi izintokazi zithi, "kusekhaya, la, kusekhaya." Ungena phakathi nje usunomfutho futhi ulindele noma yini ongayithola ijabulise imizwa yakho.
Kukhona nesitolo, iHeidi's view on the edge, esidayisa izinto ezinhle ongaziphathela izihlobo njengezipho ezinjengophaqa abahlotshiswe ngobuhlalu, amacici obuhlalu, imicamelo emihle yokuhlobisa nokunye okuningi. Phakathi esitolo kunendawo yokudlela, kanti hheyi bayalishaya ibhodwe abapheki, kodwa ungezwa ngami, nawe ungaphuthuma khona noma yinini ngoba bayazamukela izivakashi zosuku olulodwa.Akhona namagumbi okulala uma ufuna ukuchitha impelasonto yonke khona.