'KULELE kithina ukuthi sithathe umsebenzi osuwenziwe ukubeka izwe lethu ebalazweni lomhlaba ngokuthi siqhubeke siqhakambise ubuhle bedolobha lethu nezwekazi i-Afrika ebantwini bamazwe omhlaba abazobe besivakashele.'
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezokuVakasha, uNkk Patricia de Lille, ekhuthaza izakhamuzi ukuthi zenze ezidume ngakho uma sekutheleka izithunywa ezizohambela ingqungquthela i-Africa's Travel Indaba.
Uthe ukuphatha kahle izivakashi kuzoba yisigxivizo esifakazela ukuthi elakuleli lisezingeni eliphezulu futhi lingathenjwa kwezohwebo nezokuvakasha.
UNkk De Lille uthe izakhamuzi kumele ziqhakambise imikhiqizo yazo ezivakashini ezizothutheleka eThekwini ngenyanga ezayo.
Usho kanje ethula inkulumo yosuku emcimbini wokwethula lo mcimbi waminyaka yonke wezokuvakasha nokuhwebelana, obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Uveze ukuthi konke kumi ngomumo ngamalungiselelo alo mbuthano ozoba se-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) ngoMeyi 12 kuya ku-15.
Uthe nonyaka njengoba indikimba yabo ithi Unlimited Africa, bahlose ukuzoqhakambisa ukuthi izwekazi i-Afrika nezwe iNingizimu Afrika, banamandla angakanani okungena kuzwakale emakethe yomhlaba wonke yezokuvakasha nokuhwebelana.
Nonyaka kuzoqhakanjiswa imikhiqizo engaphezu kuka-297 ehlukene, kanti kulindelwe osomabhizinisi abawu-1 200 abazokhangisa ngemikhiqizo yabo ehlukene basemazweni omhlaba awu-26.
Ngaphezu kwalokho kubhekwe abantu abazothenga imikhiqizo abawu-908 basemazweni ehlukene emhlabeni abazobe bemele izimakethe zomhlaba eziwu-55.
“Nonyaka sibheke ukwedlula enzuzweni ka-R226 million eyazuzwa yiTheku nyakenye, futhi sifuna ukuthi kusizakale abantu abangaphezu kuka-1 000 abasizakala nyakenye ngamathuba omsebenzi. Sihlose ukusiza kufukulwe futhi sihlomise ngolwazi osomabhizinisi abasafufusa abangaphezu kuka-120 abasembonini yezokuvakasha.”
Usihlalo weKZN Tourism and Film Authority, uDkt Sibusiso Ndebele, uthe lo mcimbi uzoba yithuba elihle lokukhombisa izinkulungwane zabantu basemazweni ehlukene emhlabeni ukuthi idolobha iTheku nezwe jikelele ligabe ngani.
Uthe lokhu kuzosiza ngokuchumisa imboni yezokuvakasha ezweni.